Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 103:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Kepha umusa kaSimakade uphezu kwabamesabayo phakade naphakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kepha umusa kaJehova ukhona kwabamesabayo kusukela phakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana;

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 103:17
27 Referans Kwoze  

Ngokuba muhle uJehova; umusa wakhe umi phakade, nokuthembeka kwakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.


owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi,


kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.


Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”


Phakamiselani amehlo enu ezulwini, niwubheke umhlaba phansi, ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe njengezinsensane, kepha insindiso yami iyakuma kuze kube phakade, nokulunga kwami akuyikuphela.


UJehova wabonakala kimi ekude, wathi: “Ngikuthandile ngothando oluphakade; ngalokho ngikudonsile ngomusa.


Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


USimeyoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuzile ukukholwa okuyigugu ngokufana nokwethu ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Kristu:


Ngokuba ngithi uKristu waba yisikhonzi sabasokileyo ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso ezaphiwa okhokho,


Izenzo zakho mazibonakale kuzo izinceku zakho, nenkazimulo yakho kubantwana bazo.


Bantu bami, ake nikhumbule okwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi, nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori, nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali, nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.”


“Kepha wena Israyeli, nceku yami, wena Jakobe engikukhethileyo, nzalo ka-Abrahama othandiweyo wami,


Khumbula, Jehova, ububele bakho nomusa wakho, ngokuba kukhona kwaphakade.


Bayakuza bashumayele ukulunga kwayo kuso isizwe esiyakuzalwa ngokuthi ikwenzile.


Nokho uJehova wanamathela koyihlo, wabathanda, wakhetha inzalo yabo emva kwabo, yebo, nina ngaphezu kwabantu bonke, njenganamuhla.


“Amasonto angamashumi ayisikhombisa anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiprofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.


Ngiyakusondeza ukulunga kwami, akukude, insindiso yami ayiyikulibala; ngibeka insindiso eSiyoni nodumo lwami kwa-Israyeli.


Umsebenzi wakhe ungubukhosi nodumo, nokulunga kwakhe kumi phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite