Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 103:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, uzidedise kangako iziphambeko zethu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Njengoba impumalanga iqhelelene nentshonalanga, udedisela kude iziphambeko zethu kithi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 103:12
14 Referans Kwoze  

“Mina, mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyikukhumbula izono zakho.


kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


Ngubani onguNkulunkulu onjengawe othethelela insali yefa lakho ububi bayo, uyiyekele isiphambeko sayo, na? Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngokuba wenamela umusa.


Bheka, kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu; wena wawuthanda umphefumulo wami, waze waphuma egodini lokubhujiswa, ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.


abasayikufundisana, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi uJehova,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo,” usho uJehova, “ngokuba ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusikhumbula.”


uma kwakungenjalo, nga ingayekwanga ukunikelwa na? lokhu phela abakhonzayo sebehlanjululwe kanye babengasayikuba novalo ngezono.


UDavide wathi kuNathani: “Ngonile kuJehova.” UNathani wathi kuDavide: “NoJehova ususile isono sakho; awuyikufa.


Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova, “kuyakufunwa ukona kuka-Israyeli, akuyikubakho, nezono zakwaJuda, kepha aziyikufunyanwa, ngokuba ngiyakubathethelela engibashiya ukuba babe yinsali.


ukuze bazi kusukela empumalanga nasentshonalanga ukuthi akakho ngaphandle kwami; mina nginguJehova, akakho omunye;


Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama likaJehova malidunyiswe.


UNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova, uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo.


Ngesulile iziphambeko zakho njengefu, nezono zakho njengemilaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”


Iziphambeko zakhe, nesisodwa asenzileyo asiyikukhunjulelwa kuye, aphile ngokulunga akwenzileyo.


Uyakubuye asibekezelele, anyathele phansi ububi bethu; yebo, uyakuphonsa zonke izono zabo ekujuleni kolwandle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite