Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 101:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Omhlebayo umakhelwane wakhe ngasese ngizakumqeda; onamehlo aqhoshayo nenhliziyo ezidlayo angiyikumvumela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Ohleba umakhelwane wakhe esithe ngiyombhubhisa, angiyukumbekezelela ozikhukhumezayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ohleba umakhelwane wakhe ngasese, yena ngiyakumnquma; lowo oziphakamisayo nenhliziyo ezidlayo, ngeke ngihlupheke.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 101:5
25 Referans Kwoze  

Ngokuba wena uyabasindisa abantu abathobekileyo, kepha amehlo abaqhoshileyo uyawathobisa.


ongahlebi ngolimi lwakhe, ongamoni umngane wakhe, nongamhlazi umakhelwane wakhe;


Kukhona isizukulwane yeka ukuzidla kwaso! Nezinkophe zaso ziphakanyisiwe.


Uhlala uhleba umfowenu; unyevuza indodana kanyoko.


kanjalo nabesifazane abadala baziphathe ngokufanele abangcwele, bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe ngabafundisi bokuhle,


kepha manje nganilobela ukuba ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo.


“Ngithi kini: Lo wehlela endlini yakhe elungisisiwe kunomunye. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, kodwa ozithobayo uzakuphakanyiswa.”


Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.


Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo; ngalokho ungahlangani naye ovula kakhulu umlomo wakhe.


Abantu abahlebayo babekuwe ukuchitha igazi, badla kuwe ezintabeni, benza ubufebe phakathi kwakho.


Amehlo omuntu aziphakamisileyo ayakuthotshiswa, nokuzikhukhumeza kwamadoda kuyakufola, kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku.


Umoya wasenyakatho uyaletha imvula, nolimi olunyenyayo ubuso obuthukutheleyo.


Ofihla inzondo unezindebe zamanga; ophumisa inhlebo uyisiwula.


Ngokuba noma uJehova ephakeme, uyanakekela nokho ophansi; uyamazi ozidlayo ekude.


Ningabe nisakhuluma ngokuzidla kangaka, kungaphumi ukuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwazi; izenzo zilinganiswa nguye.


“ ‘Ungahambahambi ucetheza phakathi kwabantu bakho, ungamelani nokuphila komakhelwane wakho; nginguJehova.


“Awuyikuthutha indaba yamanga, ungafaki isandla sakho kubo ababi, ube ngufakazi wamanga.


“Ungafakazi amanga ngomakhelwane wakho.


Ngokunjalo nabesifazane mababe nesizotha, abangahlebi, abazithibayo, abathembekayo ezintweni zonke.


Ukuzidla kwamehlo nokuziqhenya kwenhliziyo, isibani sababi, kuyisono.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite