Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 101:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Angizukubeka phambi kwamehlo ami into embi; ukwenza kwabahlubukayo ngiyakuzonda; akuyikunamathela kimi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Angizukuyibeka phambi kwamehlo ami into embi; ngiyakuzonda okwenziwa ngabahlubukayo, akuyukunamathela kimi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Angiyikubeka okubi phambi kwamehlo ami; ngiyawuzonda umsebenzi wabahlubukayo; ngeke kunginamathele.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 101:3
44 Referans Kwoze  

Phendula amehlo ami, angaboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho.


“Ngenza isivumelwano namehlo ami: ngingabuka kanjani intombi na?


Ungakhanuki ubuhle bakhe enhliziyweni yakho, angakubambi ngezinkophe zakhe.


Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.


Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova, ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni.


“Ungafisi indlu yomakhelwane wakho; ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.”


Xwaya ukuba kungabikho mcabango omubi enhliziyweni yakho ngokuthi: ‘Umnyaka wesikhombisa, umnyaka woyekelo, ususeduze;’ iso lakho beseliba libi kumfowenu ompofu, ungamniki lutho, abesekhala kuJehova ngawe, kube yisono sakho.


Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba babengayazanga indlela yokulunga kunokuba kuthi sebayazile bafulathele umyalo ongcwele ababewunikeziwe.


kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho, enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na?


Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle;


“Amehlo akho nenhliziyo yakho kusekuphangeni kuphela, nasekuchitheni igazi elingenacala, nasekucindezeleni, nasekudloveni ukuba ukwenze.”


Kungcono ukubona kwamehlo kunokuzulazula kwesifiso; nalokhu kuyize nokufuna umoya.


“Yimani kakhulu isibindi ukugcina nokwenza konke okulotshiwe encwadini yomthetho kaMose, ukuze ningachezuki kukho ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo,


Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.


Ngiyabazonda abanhliziyo mbili, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda.


Babuye bamlinga uNkulunkulu, bamdabukisa oNgcwele ka-Israyeli.


Baphambukile bonke, bonakele bonke; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.


baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo. Bazenzele ithole elibunjiweyo, balikhonza, balihlabela, bathi: ‘Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.’ ”


Bafisa amasimu, bawadluzule, nezindlu, bazisuse; bacindezela indoda nendlu yayo, umuntu nefa lakhe.


Yena ohamba ngokulunga, okhuluma ngobuqotho, odelela inzuzo yokucindezela, othintitha izandla zakhe ukuze angamukeli imivuzo, ovala izindlebe zakhe ukuze angezwa ngegazi, ocimeza amehlo akhe ukuze angaboni okubi,


phambukani endleleni, nichezuke emkhondweni, nimdedisele kithi oNgcwele ka-Israyeli.”


Ngithe: “Ngizakulinda izindlela zami ukuba ngingoni ngolimi lwami; ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo, omubi esekhona phambi kwamehlo ami.”


Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensonge uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Nina enithanda uJehova zondani okubi; uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo; uyabasindisa ezandleni zababi.


Bahoshekela emuva, bakhohlisa njengawoyise, baphenduka njengomnsalo ogejayo.


Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso; ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.


“Ngiyazisola ukuthi ngibekile uSawule inkosi, ngokuba ubuyile ekungilandeleni, kafezanga amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuJehova ubusuku bonke.


Akuyikunamathela lutho lokuqalekisiweyo esandleni sakho ukuba uJehova aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, akuphathe ngomusa, abe nesihe kuwe, akwandise, njengalokho afunga koyihlo,


Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi; kodwa baphuma, ukuze babonakaliswe ukuthi bonke abasibo abakithi.


Yebo, nomhlobo wami ebengimethemba, obedla isinkwa sami, ungiphakamisele isithende sakhe.


Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo; bayizitha kimi.


Umuntu omubi, umuntu wokona, nguye ohamba nomlomo ophambeneyo,


oqwayiza amehlo, eshudula ngezinyawo zakhe, ekhomba ngeminwe.


Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi; ukuzidla, nokuzikhukhumeza, nendlela embi, nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.


ningacebi okubi ezinhliziyweni zenu, kube yilowo nalowo ngomakhelwane wakhe, ningathandi izifungo zamanga, ngokuba lezo zinto yilezo engizizondayo,” usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite