Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 10:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Uhlezi ezindaweni zokuqamekela zemizi; ezindaweni ezisithekileyo uyambulala ongenacala; amehlo akhe ayamhlwaya othithibeleyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Silala unyendle emizini, ezindaweni ezinamathunzi, ukuze sibulale ongenacala; amehlo aso abheke labo abangenamandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uhlezi eziphepheni zemizi; ekucashile uyabulala ongenacala; amehlo akhe aphezu kwabampofu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 10:8
14 Referans Kwoze  

Ugwaza ikhanda lomholi wabo ngeyakhe imicibisholo, lapho besondela njengesivunguvungu ukungihlakaza, bejabula njengabayakudla ompofu ngasese.


“Amehlo akho nenhliziyo yakho kusekuphangeni kuphela, nasekuchitheni igazi elingenacala, nasekucindezeleni, nasekudloveni ukuba ukwenze.”


Inkosi yathi kuDowegi: “Sondela wena, usukele abapristi.” UDowegi wabakwa-Edomi wasondela, wabasukela abapristi, wabulala ngalolo suku abantu abangamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu, abembethe ingubo yamahlombe yelineni.


Kwathi emva kwalokho wayehamba imizi nemizana eshumayela ememezela ivangeli lombuso, benaye abayishumi nambili


Bayabhubhisa umfelokazi nomfokazi, nezintandane bayazibulala.


Noma siyaphi, bayangizungeza; amehlo abo bawabhekisa kukho ukungiwisa phansi emhlabathini.


Futhi uManase wachitha kakhulu igazi elingenacala, waze wagcwalisa iJerusalema kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni, ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova.


Bhekani, nizazi zonke izindawo zokucasha, lapho ecasha khona, nibuyele kimi nineqiniso; ngiyakuhamba nani; kuyakuthi uma ekhona ezweni, ngimfice phakathi kwayo yonke imindeni yakwaJuda.”


Emva kwalokho iNkosi yamisa abanye abangamashumi ayisikhombisa, yabathumela ngababili phambi kwayo emizini nasezindaweni zonke ebizakuya kuzo yona.


AbaseShekemi bambekela abaqamekeli eziqongweni zezintaba, baphanga bonke ababedlula kubo ngaleyo ndlela; kwabikwa ku-Abimeleki.


Umbulali uvuka ekuseni, abulale ompofu noswelayo; ebusuku unjengesela.


Wena omubi ungaqamekeli indlu yolungileyo, ungachithi indawo yakhe yokuphumula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite