Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 10:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Jehova, uyakuzwa ukulangazela kwabamnene; uyaqinisa inhliziyo yabo, indlebe yakho uyibeka kubo

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Simakade, uyakuzwa ukukhala kokulangazelela kwabahluphekileyo. Ubanikeza ithemba, bese ukulalela ukukhala kwabo becela usizo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Nkosi, uzwile isifiso sabathobekileyo; Uyakulungisa inhliziyo yabo, wenze indlebe yakho izwe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 10:17
28 Referans Kwoze  

Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.


ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile, wazithoba phambi kukaNkulunkulu ekuzweni kwakho amazwi akhe ngale ndawo nangabakhileyo kuyo, yebo, wazithoba phambi kwami, waziklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova.


Amehlo kaJehova akubo abalungileyo; izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.


ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo, kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.”


Kuyakuthi bengakangibizi, mina ngiphendule; besakhuluma, mina ngiyakuzwa.


zithokozise ngoJehova, yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho.


Jehova, Nkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli, obaba, gcina lokhu njalo ezizindlweni zemicabango yenhliziyo yabantu bakho, uqondisele inhliziyo yabo kuwe,


Ngokuba yena ophindisela igazi uyabakhumbula abahluphekayo; akakhohlwa ukukhala kwabo.


Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.


Umuntu unamasu enhliziyweni, kepha impendulo yolimi ivela kuJehova.


wanaka umkhuleko wabangenalutho, engawudeleli umthandazo wabo.


NakwaJuda sasikhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyonye ukuba benze isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaJehova.


Kodwa unika umusa ngokwenezela; ngakho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.”


okungaye sinesibindi ukungena ngokwethemba, ngokukholwa nguye.


Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngoMoya munye kuYise.


Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa;


“Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.


Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.


Akwesabayo omubi kuyamehlela, nabakufisayo abalungileyo bayakuphiwa.


Ngokuba ompofu kayikukhohlakala njalo; ithemba labahluphekayo aliyikunyamalala kuze kube phakade.


UHezekiya wathokoza kanye nabantu bonke ngenxa yalokho uNkulunkulu ayebalungisele khona abantu, ngokuba leyo nto yavela ingalindelwanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite