Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 10:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade; abezizwe bayachithwa emhlabeni wakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 USimakade uyobusa ingunaphakade, abezizwe babhujiswe ezweni lakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade; izizwe zabhubha ezweni lakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 10:16
20 Referans Kwoze  

Kuyo iNkosi yaphakade engabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


UJehova wayehlezi ebusa phezu kukazamcolo; uJehova uhlezi eyinkosi kuze kube phakade.


Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.


“Ngenza isiyalezo ukuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, ngokuba “unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade, nombuso wakhe yiwo ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube sekupheleni.


Ngasekugcineni kwezinsuku mina Nebukadinesari ngaphakamisa amehlo ami ezulwini, nomqondo wami wabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade. Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade, nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;


Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade; ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.


Njengezizwe uJehova azenza ukuba zibhubhe phambi kwenu, kanjalo niyakubhubha nani, ngokuba naningalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wenu.


Wena Jehova umi phakade; isihlalo sakho sobukhosi sikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu, uJehova ungumenzi wemithetho yethu, uJehova uyinkosi yethu; uyakusisindisa.


UJehova uyabusa kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane. Haleluya!


UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe, ubhince amandla. Nezwe limi liqinile, lingazanyazanyiswa.


Waxosha abezizwe phambi kwabo; edabula izwe wababela ifa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.


Abezizwe bashone phansi egebeni abalenzileyo; unyawo lwabo lubhajwe esihibeni abasifihlileyo.


Ujezisile abezizwe, wabhubhisa ababi; igama labo ulesulile kuze kube phakade naphakade.


UJehova uyakubusa kuze kube phakade.”


Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.


umhlaba uyakuwahlulela ngokulunga, athethe amacala ezizwe ngobuqotho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite