Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 10:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ubonile wena; ngokuba ukukhathazeka nokuhlupheka uyakubona wena ukuze ukubeke esandleni sakho; othithibeleyo uyazinikela kuwe; wena ungumsizi wentandane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Wena wakubona; ngokuba ubona ububi nobubi ukuba ukuphindise ngakho ngesandla sakho; abampofu bayazinikela kuwe; ungumsizi wentandane.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 10:14
35 Referans Kwoze  

uyise wezintandane, umahluleli wabafelokazi, uNkulunkulu endlini yakhe engcwele,


UJehova uyalondoloza abafokazi; uyaphasa intandane nomfelokazi; kepha indlela yababi uyayiphambanisa.


I-Asiriya aliyikusisindisa, asisayikukhwela amahhashi, singasasho kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi ngonkulunkulu bethu, ngokuba intandane iphiwa umusa kuwe.”


Shiya izintandane zakho, mina ngiyakuziphilisa, abafelokazi bakho bethembe kimi.”


Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.


Uyenza ukwahlulela kwezintandane nokomfelokazi, uyathanda umfokazi ngokumnika ukudla nezingubo.


niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.


Ngakho abahluphekayo ngokwentando kaNkulunkulu mababeke imiphefumulo yabo kuMdali othembekayo ngokwenza okuhle.


ngaleso sizathu ngiyahlupheka nangalokhu, kepha anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa nguye, ngiyethemba ukuthi unamandla okulonda lokho engikubekile kuye, kuze kube yilolo suku.


Wena omehlo akho ahlambulukile ukuba ungaboni okubi, ungenakubheka ukuhlanekezela, ubhekelani abakhohlisayo, uthulelani lapho omubi egwinya olungileyo kunaye,


ngokuba umchithi uyalehlela, alehlele iBabele, amaqhawe alo ayabanjwa, neminsalo yawo iyaphulwa, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wemivuzo, uyakhokha nokukhokha.


Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; abasithele ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.


Amehlo kaJehova asezindaweni zonke; aqaphela ababi nabahle.


Uyakubona, Jehova; mawungathuli; Nkosi, mawungabi kude nami.


Ungabi kude nami, ngokuba inhlupheko iseduze, nosizayo akakho.


mawuzwe wena ezulwini, wenze, wahlulele izinceku zakho, kuphindiselwe konecala, ubeke indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe, uthethelele olungileyo, umnike njengokulunga kwakhe.


lokuthi: ‘Impela ngibone izolo igazi likaNaboti negazi lamadodana akhe, usho uJehova; ngiyakukuphindisela kulesi siqephu, usho uJehova.’ Ngalokho mthathe, umntshinge kulesi siqephu njengezwi likaJehova.”


Wayesethi u-Adoni Bezeki: “Amakhosi angamashumi ayisikhombisa enqunyiwe izithupha nawoqukula acosha ukudla kwawo phansi kwetafula lami; njengalokho ngenzile, kanjalo uNkulunkulu uphindisele kimi.” Bamyisa eJerusalema, wafela khona.


futhi akukho nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.


“Niyini kimi, nina Tire neSidoni, nayo yonke imikhawulo yaseFilistiya na? Niyakungibuyisela utho na? Uma ningibuyisela utho ngiyakushesha ngibuyisele masinyane phezu kwekhanda lenu izenzo zenu,


Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwa nasekuchithakaleni okuvela kude na? Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na? Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?


Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” usho uJehova. “Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova.


UNkulunkulu wezwa izwi lomfana. Ingelosi kaNkulunkulu yamemeza kuHagari isezulwini, yathi kuye: “Kuyini, Hagari? Ungesabi, ngokuba uNkulunkulu ulizwile izwi lomntwana, lapho ekhona.


Yayisithi: ‘Awuphakamise amehlo akho, ubone ukuthi zonke izimpongo ezikhwela umhlambi zingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala, ngokuba ngibone konke uLabani akwenza kuwe.


UNkulunkulu wabona abantwana bakwa-Israyeli, wabanakekela.


“Aniyikuhlupha mfelokazi nentandane.


Uma uthatha ingubo yomakhelwane wakho, ibe yisibambiso, uyakuyibuyisela kuye lingakashoni ilanga;


Mhlawumbe uJehova uyakubheka usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka namuhla.”


UJowashi, inkosi, akakhumbulanga umusa uJehoyada amenzele wona, wabulala indodana yakhe. Ekufeni kwakhe wathi: “UJehova makakubone lokhu, akuphindisele.”


awunginikelanga esandleni sesitha, wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.


uNkulunkulu ohlalisa imihlalaqha ezindlini, akhiphele iziboshwa ekubuseni; ngabahlubukileyo bodwa abakhe ezweni elomileyo.


Indlu yabaziqhenyayo uJehova uyayisiphula, kepha uyamisa umkhawulo womfelokazi.


Jehova, uyabona ukoniwa kwami; thetha indaba yami.


Uyabona konke ukuphindisa kwabo nawo onke amacebo abo ngami.


“Ngiyakuphulukisa ukuhlehla kwabo, ngibathande ngesihle, ngokuba intukuthelo yami ibuyile kubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite