Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 1:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kodwa indlela yababi yobhubha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyakubhujiswa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyobhubha.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 1:6
17 Referans Kwoze  

Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinalolu phawu lokuthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.”


“Mina ngingumalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi,


Indlela yababi iyisinengiso kuJehova, kepha uyamthanda olandela ukulunga.


UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko, uyabazi abaphephela kuye.


UJehova uyalondoloza abafokazi; uyaphasa intandane nomfelokazi; kepha indlela yababi uyayiphambanisa.


Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela;


Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.


“Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona.


Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide.


Lapho umoya wami udangala phakathi kwami, wena uyawazi umkhondo wami; endleleni engihamba ngayo bangifihlele ugibe.


Kepha laba behlambalaza, benjengezidalwa ezingenangqondo, ngemvelo zizalelwe ukubanjwa nokubhujiswa, nabo bazakubhujiswa ekubhujisweni kwazo, behlambalaza abangakwaziyo,


Omubi uyakukubona, acunuke, agedle amazinyo akhe, abesephela; isifiso sababi siyakubhubha.


Izitha ziphelile, zachitheka kuze kube phakade; imizi wayisimbula, ukukhunjulwa kwayo kwaphela nya.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.


Bheka ngakwesokunene sami, ubone ukuthi akakho onginakekelayo; isiphephelo singiphuthele, akakho okhathalela umphefumulo wami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite