Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 1:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo, esimaqabunga aso angabuni. Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Uyakuba njengesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi saso; neqabunga lawo aliyikubuna; futhi konke akwenzayo kuyophumelela.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 1:3
32 Referans Kwoze  

Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini, ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni, ongesabi lapho kufika ukushisa, amaqabunga awo abe luhlaza, angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu, anganqamuki ukuthela izithelo.”


Ngasemfuleni osebeni lwawo ngalapha nangalapha kuyakumila yonke imithi edliwayo emaqabunga ayo angayikubuna, nezithelo zayo zingayikuphela; iyakuthela ezintsha izinyanga zonke, ngokuba amanzi ayo avela endlini engcwele; izithelo zayo ziyakuba ngukudla, amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa.”


Nasebudaleni bayakuthela izithelo, bahlume babe luhlaza,


Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe.


“ ‘Unyoko wayenjengomvini, usahlezi ngokuthula, utshalwe ngasemanzini; wawunezithelo namahlumela ngenxa yamanzi amaningi.


Umlindi wetilongo akabanga esabheka lutho olusesandleni sakhe, ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo uJehova wakuphumelelisa.


Phakathi kwesitaladi sawo nomfula emaceleni omabili kukhona umuthi wokuphila, uthela izithelo eziyishumi nambili, uthela izithelo zawo izinyanga ngezinyanga, namaqabunga omuthi angawokuphulukisa izizwe.


Wawusemhlabathini omuhle ngasemanzini amaningi ukuba uveze amagatsha, uthele izithelo, ube ngumvini omuhle.’


Kodwa seliphumile ilanga, yahwamuka; nangokuba ingenampande, yabuna.


Emisebenzini yonke ayiqalayo enkonzweni yendlu kaNkulunkulu, nasemthethweni, nasemiyalweni, ukuba afune uNkulunkulu wakhe, wakwenza ngayo yonke inhliziyo yakhe, waphumelela.


Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye nokuthi konke akwenzayo uJehova wakuphumelelisa esandleni sakhe.


Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho; uyakuba nenhlanhla nempumelelo.


Yishoni kolungileyo ukuthi kuyakuba kuhle kuye, ngokuba bayakudla izithelo zezenzo zabo.


bayakuhluma phakathi kotshani njengeminyezane ngasemifudlaneni yamanzi.


ngephunga lamanzi uyakuhluma, uveze izingatsha njengesithombo.


Kwathi sekusondele isikhathi sezithelo, wathuma izinceku zakhe kubalimi ukuba zithathe izithelo zakhe.


Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, weza kuwo; akafumananga lutho kuwo, amaqabunga odwa. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna khona lapho.


Yilabo abayizisihla emadilini enu othando bedla nani, bengesabi, baziklabisa; bangamafu angenamanzi, aqhutshwa yimimoya; bayimithi yasebusika engenazithelo, efe kabili, isishuliwe;


Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa, kufike abesifazane, baphembe umlilo kuwo, ngokuba bangabantu abangenakuqonda; ngalokho owabenzayo akayikubahawukela, nowababumbayo akayikuba namusa kubo.


Bathi kuye: “Uzakubabhubhisa kabi labo ababi, isivini sakhe sinikwe abanye abalimi abayakumnika izithelo ngezikhathi zazo.”


“Kalokhu, ndodana yami, uJehova makabe nawe, ube nempumelelo, wakhe indlu kaJehova uNkulunkulu wakho njengokukhuluma kwakhe kuwe.


Abadlulayo abasho ukuthi: “Isibusiso sikaJehova masibe phezu kwenu; siyanibusisa egameni likaJehova.”


Abaningi baletha izipho kuJehova eJerusalema namagugu kuHezekiya inkosi yakwaJuda, waze waphakanyiswa emehlweni abo bonke abezizwe ngasemuva.


Elulekile njengezigodi, njengamasimu ngasemfuleni, njengemihlaba ayitshalile uJehova, njengemisedari* ngaseceleni kwamanzi.


“UJehova uyakuyala isibusiso sibe phezu kwakho ezinqolobaneni zakho nakukho konke obeka kukho isandla sakho, akubusise ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


UJehova wayenaye; nomaphi lapho eya khona, waphumelela; wayihlubuka inkosi yase-Asiriya, kayikhonzanga.


Khona uyakuphumelela, uma ugcina ukwenza izimiso nezahlulelo uJehova ayala ngazo uMose ngo-Israyeli; qina, ume isibindi; ungesabi, ungabi naluvalo.


Uma unquma indaba, uyakuyenzelwa, ukukhanya kukhanye ezindleleni zakho.


ukuze bashumayele ukuthi uJehova ulungile; uyidwala lami okungekho kuye ukungalungi.


UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho; uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo angaphuthi.


Ngalokho isiqu sawo sasiphakeme kunayo yonke imithi yasendle; izingatsha zawo zandiswa, namagatsha awo elulwa ngamanzi amaningi ekuwaxhantiseni kwawo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite