Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 1:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali enkundleni yabaklolodayo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeseluleko sababi, ongemi endleleni yezoni, ongabi mdibi munye nabaklolodayo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali esihlalweni sobukhosi sabaklolodayo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 1:1
52 Referans Kwoze  

Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.


Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo, angithokozanga; ngahlala ngedwa ngenxa yesandla sakho, ngokuba ungigcwalisile ngokufutheka.


Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”


Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kodwa indlela yababi yobhubha.


ndodana yami, ungahambi nazo endleleni, unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo,


Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.


Haleluya! Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova, othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.


Uceba okubi ecansini lakhe, uzimisa endleleni engalungile; okubi kakwenyanyi.


Bhekani, inhlanhla yabo ayisesandleni sabo; icebo lababi malibe kude nami.


Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.


Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami; ungahlangani nebandla labo, nhliziyo yami, ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu; ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.


“Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova, nothemba lakhe linguJehova.


Ukuqonda kahle kuveza umusa, kepha indlela yabambuluzayo ilukhuni.


Sukani kimi nina enenza okubi, ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami.


Babusisiwe abaqaphela ukwahlulela kwakhe, owenza ukulunga ngezikhathi zonke.


Unyawo lwami lumi ebaleni; ngizakudumisa uJehova emihlanganweni.


ukuze wophulwe endleleni yobubi nakubantu abakhuluma okuphambeneyo,


Ngase ngibayeka enkanini yenhliziyo yabo ukuba bahambe ngokuthanda kwabo.


Indlela yababi injengobumnyama; abazi ukuthi bakhubeka ngani.


Izideleli uyazidelela, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


“Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.


Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele; uma udelela, uyakukuthwala wena wedwa.”


Jehova Sebawoti, ubusisiwe umuntu okwethembayo.


okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, siyazibonga ekwethembeni inkazimulo kaNkulunkulu.


babusisiwe abantu abanjalo; babusisiwe abantu abaNkulunkulu wabo unguJehova.


UJesu wathi kuye: “Ngokuba ungibonile, ukholiwe na? Babusisiwe abakholwa bengabonanga.”


“Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula, nezideleli zijabula ukudelela, neziwula zizonda ukwazi, na?


Ngokuba isikhathi esidlulileyo sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe ngokuhamba ngamanyala, nangezinkanuko, nangokudakwa, nangokuminza, nangokuxokozela, nangokukhonza izithombe okuyichilo.


Uma nazi lokho, nibusisiwe uma nikwenza.


UJehova uyalondoloza abafokazi; uyaphasa intandane nomfelokazi; kepha indlela yababi uyayiphambanisa.


Yangeni indodana, ingaze ithukuthele, nibhubhe endleleni, ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane. Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe


Kwathi lapho kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, wathatha u-Izebeli, indodakazi ka-Etibali inkosi yamaSidoni, abe ngumkakhe, waya wakhonza uBali, wakhuleka kuye.


Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindisiwe nguJehova oyisihlangu sosizo lwakho, oyinkemba yakho ephakanyisiweyo. Izitha zakho ziyakuzithobela wena, unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.”


Ngathi kubantwana babo ehlane: “Ningahambi ngezimiso zawoyihlo, ningagcini izahlulelo zabo, ningazingcolisi ngezithombe zabo.


Izahlulelo zilungiselwa izideleli, nemivimbo umhlane weziwula.


Ngisithe esigungwini sababi nasesixukwini sabenza okubi,


“Uma ngihambile ngamanga, nonyawo lwami luphuthume enkohlisweni,


Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, ukhanye phezu kwamasu ababi, na?


U-Enoke wayehamba noNkulunkulu; kepha wayesengasekho nje, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.


Naye wahamba ngezindlela zendlu ka-Ahabi, ngokuba unina wayengomeluleka ukwenza okubi.


yona yayingavumanga icebo nesenzo sabo – eyase-Arimatheya umuzi wabaJuda, eyayibheke umbuso kaNkulunkulu;


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu kodwa uBaba osezulwini.


Ningadla nezilwane ezahlukanisa inselo, ezidabula inselo kabili, ezetshisayo kuzo izilwane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite