Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 9:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Lapho kubikwa lokho kuJothamu, waya wema esiqongweni sentaba yaseGerizimu, waphakamisa izwi lakhe, wamemeza, wathi kubo: “Ngilaleleni nina bantu baseShekemi ukuba uNkulunkulu anilalele nina.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Lapho uJothamu etshelwa ngalokho, wahamba wayoma esicongweni sentaba iGerizimu, wakhala, wamemeza kakhulu, wathi kuzo: “Ngilaleleni, nina zakhamuzi zaseShekhemi, ukuze uNkulunkulu anilalele nani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Lapho sebemtshela uJothamu, wahamba wema esiqongweni sentaba iGerizimu, waphakamisa izwi lakhe, wamemeza, wathi kubo: “Ngizweni nina bemi baseShekemi, ukuze uNkulunkulu anizwe.”

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 9:7
17 Referans Kwoze  

“Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni oya kulo ukulidla, usibeke isibusiso entabeni yaseGerizimu nesiqalekiso entabeni yase-Ebali.


Okhokho bethu babekhulekela kule ntaba; nina-ke nithi iseJerusalema indawo lapho kufanele kukhulekelwe khona.”


“Laba bayakuma entabeni yaseGerizimu ukubusisa abantu, lapho seniwelile iJordani: oSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noJosefa, noBenjamini;


Lapho nelula izandla zenu, ngiyakufihla kini amehlo ami; yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa; izandla zenu zigcwele igazi.


Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho, nomkhuleko wakhe uyisinengiso.


Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofu naye uyakukhala angaphendulwa.


Bonke abakwa-Israyeli namalunga abo, nezinduna zabo, nabahluleli babo babemi ngalapha nangalapha komphongolo phambi kwabapristi bamaLevi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, abafokazi nabokuzalwa ekhaya, inxenye yabo ibhekene nentaba yaseGerizimu, inxenye yabo ibhekene nentaba yase-Ebali, njengalokho uMose inceku kaJehova ebeyalile, ukuba babusise abantu bakwa-Israyeli kuqala.


Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.


Angithi ziphesheya kweJordani ngalaphaya kwendlela yasentshonalanga ezweni lamaKhanani ahlala e-Araba, malungana neGiligali ngaseceleni kwama-oki* aseMore na?


Bonke abantu baseShekemi bahlangana nabo bonke abaseBeti Milo, baya bambeka u-Abimeleki inkosi ngase-okini* letshe lesikhumbuzo elaliseShekemi.


Imithi yake yaya ukuzigcobela inkosi, yathi kuwo umnqumo: ‘Yiba yinkosi yethu.’


Wathi kubo: “Ake nizwe leli phupho engiliphuphileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite