Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 9:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Bonke abantu baseShekemi bahlangana nabo bonke abaseBeti Milo, baya bambeka u-Abimeleki inkosi ngase-okini* letshe lesikhumbuzo elaliseShekemi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Zonke izakhamuzi zaseShekhemi nalo lonke iBhethi Milo zahlangana ngasensikeni yomu-okhi eShekhemi, zahamba zambeka u-Abhimelekhi, waba yinkosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Base bebuthana bonke abantu baseShekemi nendlu yonke yeMilo, bahamba bambeka u-Abimeleki inkosi ngase-okini letshe lesikhumbuzo elaliseShekemi.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 9:6
8 Referans Kwoze  

UDavide wahlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha nxazonke kusukela eMilo kuya ngaphakathi.


Izinceku zakhe zasuka, zenza ugobe, zambulala uJowashi endlini yaseMilo ekwehleleni eSila.


UJerobowamu waqinisa iShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, wahlala khona; waphuma lapho, waqinisa iPhenuweli.


Kwathi wonke u-Israyeli esezwile ukuthi uJerobowamu ubuyile, bathuma bambizela emhlanganweni, bambeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke; akubangakho muntu olandela indlu kaDavide, isizwe sakwaJuda kuphela.


URehobowamu waya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wayefikile eShekemi ukumbeka inkosi.


UJoshuwa waloba lawo mazwi encwadini yomthetho kaNkulunkulu, wathatha itshe elikhulu, walimisa lapho phansi kwe-oki* elingasendlini engcwele kaJehova.


Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubali,* abantu abangamashumi ayisikhombisa etsheni linye, kepha kwasala uJothamu indodana encinyane kaJerubali, ngokuba wacasha.


Lapho kubikwa lokho kuJothamu, waya wema esiqongweni sentaba yaseGerizimu, waphakamisa izwi lakhe, wamemeza, wathi kubo: “Ngilaleleni nina bantu baseShekemi ukuba uNkulunkulu anilalele nina.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite