Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 9:57 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

57 UNkulunkulu wabuyisela bonke ububi babantu baseShekemi emakhanda abo, behlelwa yisiqalekiso sikaJothamu indodana kaJerubali.*

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

57 UNkulunkulu wabuye wenza nobubi babantu baseShekhemi ukuba behlele phezu kwabo, baphinde behlelwa nayisiqalekiso uJothamu, indodana kaJerubhali, ayesikhulume kubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

57 Futhi bonke ububi babantu baseShekemi uNkulunkulu wabubuyisela phezu kwamakhanda abo, futhi isiqalekiso sikaJothamu, indodana kaJerubali, sehlela phezu kwabo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 9:57
14 Referans Kwoze  

kepha uma kungenjalo, makuphume umlilo ku-Abimeleki, uqede abantu baseShekemi neBeti Milo, umlilo uphume nakubantu baseShekemi naseBeti Milo, umqede u-Abimeleki.”


Ezinsukwini zakhe uHiyeli waseBethele wabuye wakha iJeriko; wabeka isisekelo salo ngokulahlekelwa ngu-Abiramu izibulo lakhe, wamisa amasango alo ngokulahlekelwa yithunjana lakhe uSegubi, njengezwi likaJehova owalikhuluma ngesandla sikaJoshuwa indodana kaNuni.


U-Abimeleki walwa nomuzi lonke lolo suku; wawuthatha umuzi, wabulala abantu ababekuwo, wawubhidliza umuzi, wahlwanyela usawoti kuwo.


UJoshuwa wabafungisa ngaleso sikhathi, wathi: “Makaqalekiswe phambi kukaJehova umuntu osuka akhe lo muzi waseJeriko; uyakubeka isisekelo sawo ngokulahlekelwa yizibulo lakhe, amise amasango awo ngokulahlekelwa ngomncinyane wakhe.”


ukuba ubudlova obenziwe kuwo amadodana angamashumi ayisikhombisa kaJerubali* bufike, negazi labo libekwe phezu kuka-Abimeleki umfowabo owababulala, naphezu kwabaseShekemi abaqinisa izandla zakhe ukuba abulale abafowabo.


Kanjalo uNkulunkulu wabuyisela ububi buka-Abimeleki abebenzile kuyise ngokubulala abafowabo abangamashumi ayisikhombisa.


Emva kuka-Abimeleki kwavela uThola indodana kaPhuwa kaDodo, umuntu wakwa-Isakare, ukuba asindise u-Israyeli; wayehlala eShamiri ezintabeni zakwa-Efrayimi.


UJehova uyakulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe, ngokuba wasukela amadoda amabili alungileyo amahle kunaye, wawabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi: u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakwa-Israyeli, no-Amasa indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.


Wayesethi u-Adoni Bezeki: “Amakhosi angamashumi ayisikhombisa enqunyiwe izithupha nawoqukula acosha ukudla kwawo phansi kwetafula lami; njengalokho ngenzile, kanjalo uNkulunkulu uphindisele kimi.” Bamyisa eJerusalema, wafela khona.


Nami ngibuthakathaka namuhla noma ngigcotshiwe ngibe yinkosi; laba bantu, amadodana kaSeruya, balukhuni kunami; uJehova makaphindisele owenza okubi njengobubi bakhe.”


Ngizakumbonga uJehova ngokokulunga kwakhe, ngihubele igama likaJehova oPhezukonke.


Uyaphindisela kubo ukushinga kwabo, abaqede ngobubi babo; uJehova uNkulunkulu wethu uyakubaqeda.


Omubi uyakubanjwa ngububi bakhe, abhajwe ngezintambo zezono zakhe.


Maye komubi! Kuyakuba kubi kuye, ngokuba uyakubuyiselwa izenzo zezandla zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite