Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 9:54 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

54 Wayeseshesha ebiza udibi olwaluphethe izikhali zakhe, wathi kulo: “Hosha inkemba yakho, ungibulale ukuba abantu bangasho ngami ukuthi: ‘Wabulawa ngowesifazane.’ ” Udibi lwakhe lwase lumgwaza, wafa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

54 Masinyane wabiza insizwa eyayiwudibi lwakhe, wathi kuyo: “Hosha inkemba yakho, ungibulale ukuze abantu bangathi ngami: ‘Wabulawa ngowesifazane.’ ” Insizwa yamgwaza wafa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

54 Wayeseshesha wabiza udibi lwezikhali zakhe, wathi kulo: “Hosha inkemba yakho, ungibulale, ukuze abantu bangasho ngami ukuthi: ‘Ubulewe ngowesifazane.’ Nensizwa yakhe yamphusha washona.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 9:54
17 Referans Kwoze  

Kwathi abantu bakwa-Israyeli bebonile ukuthi u-Abimeleki ufile, bamuka baya, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe.


Ophethe izikhali zakhe wathi kuye: “Yenza konke okusenhliziyweni yakho: hamba, bheka, nginawe njengenhliziyo yakho.”


Abantu basekhandeni bamphendula uJonathani nodibi lwakhe, bathi: “Khuphukelani kithi, siyakunifundisa indaba.” UJonathani wayesethi odibini oluphethe izikhali zakhe: “Khuphuka emva kwami, ngokuba uJehova ubanikele esandleni sakwa-Israyeli.”


UJonathani wakhuphuka ngezandla zakhe nangezinyawo zakhe, nodibi lwakhe emva kwakhe; bawa phambi kukaJonathani, nodibi lwezikhali zakhe lwababulala emva kwakhe.


Lokho kuceka kokuqala abakwenzayo uJonathani nodibi lwezikhali zakhe kwakungabantu kungathi amashumi amabili ebangeni elingathi inxenye ye-eka* lensimu.


USawule wayesethi kubantu ababe naye: “Balani manje, nibone ukuthi ngubani omukile kithi.” Babala, bheka, uJonathani nodibi lwezikhali zakhe babengekho.


UDavide wafika kuSawule, wema phambi kwakhe; wamthanda kakhulu, waba ludibi lwezikhali zakhe.


Wafa-ke uSawule namadodana akhe omathathu, nodibi lwakhe, nabo bonke abantu bakhe ngalolo suku kanyekanye.


“Ngase ngima ngakuye, ngambulala, ngokuba ngakwazi ukuthi angephile esewile, ngathatha umqhele owawusekhanda lakhe, nesongo elalisengalweni yakhe, ngikulethile lapha enkosini yami.”


noSeleki wakwa-Amoni, noNaharayi waseBeroti, izindibi zezikhali zikaJowabe indodana kaSeruya,


USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa labo abangasokile bafike, bangone. Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakhe, ngokuba lwesaba kakhulu. Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo.


Udibi lwezikhali zakhe selubonile ukuthi uSawule ufile, lwawela nalo phezu kwenkemba, lwafa.


noSeleki wakwa-Amoni, noNaharayi waseBeroti, udibi lukaJowabe indodana kaSeruya,


Wathi kuye: “Impela ngiyakuhamba nawe, kodwa indlela oyakuhamba ngayo ayiyikuba ngeyodumo lwakho, ngokuba uJehova uyakumthengisa uSisera esandleni sowesifazane.” Wayesesuka uDebora, wahamba noBaraki, baya eKedeshi.


Lapho ebheka emuva, wangibona, wangibiza. Ngaphendula ngokuthi: ‘Ngilapha.’


“Wathi kimi: ‘Ake ume ngakimi, ungibulale, ngokuba ngishaywe yisiyezi, nokuphila kusekhona kimi.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite