Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 9:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubali,* abantu abangamashumi ayisikhombisa etsheni linye, kepha kwasala uJothamu indodana encinyane kaJerubali, ngokuba wacasha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubhali angama-70 etsheni elilodwa, kwasala uJothamu, uthunjana kaJerubhali, ngokuba wacasha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubali, amadoda angamashumi ayisithupha neshumi etsheni linye; kepha uJothamu, indodana encinyane kaJerubali, wasala; ngoba wacatsha.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 9:5
15 Referans Kwoze  

UJehoramu esemile embusweni kayise, eseziqinisile, wabulala bonke abafowabo ngenkemba kanye nabathile bezikhulu zakwa-Israyeli.


UGideyoni wamakhela uJehova i-altare khona, waliqamba igama lokuthi iJehova Shalomi; kuze kube namuhla lisekhona e-Ofira lama-Abiyezeri.


“Vuka uthabathe umntwana nonina, uye ezweni lakwa-Israyeli; ngokuba sebefile ababezingela ukuphila komntwana.”


Khona uHerode, esebonile ukuthi izazi zimphambile, wathukuthela kakhulu, wathumela wabulala bonke abantwana besilisa baseBetlehema nasendaweni yonke yangakhona, abaminyaka mibili nangaphansi njengesikhathi abesibuzisisile kuzo izazi.


Esefike eSamariya wabulala bonke abaseleyo baka-Ahabi eSamariya, waze wamqeda njengezwi likaJehova alikhuluma ku-Eliya.


“Ake nikhulume ezindlebeni zabo bonke abantu baseShekemi, nithi: ‘Yikuphi okuhle kini ukuba onke amadodana kaJerubali* angabantu abangamashumi ayisikhombisa anibuse nokuba nibuswe ngumuntu munye na?’ Khumbulani ukuthi mina ngiyithambo lenu nenyama yenu.”


UGideyoni wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa aphuma okhalweni lwakhe, ngokuba wayenabafazi abaningi.


Bonke abantu baseShekemi bahlangana nabo bonke abaseBeti Milo, baya bambeka u-Abimeleki inkosi ngase-okini* letshe lesikhumbuzo elaliseShekemi.


kepha niyivukele namuhla indlu kababa, nibulele amadodana akhe, abantu abangamashumi ayisikhombisa etsheni linye, nimbekile u-Abimeleki indodana yesigqilakazi sakhe inkosi yabaseShekemi ngokuba engumfowenu;


Kwathi incwadi isifikile kubo, bawathatha amadodana enkosi, bawabulala, abantu abangamashumi ayisikhombisa, babeka amakhanda awo emaqomeni, bawathuma kuye eJizreyeli.


Kwafika ingelosi kaJehova, yahlala phansi kwe-oki* lase-Ofira likaJowashi umAbiyezeri; indodana yakhe uGideyoni yayibhula ukolweni esikhamweni sewayini ukuba amthukusele abakwaMidiyani.


Ngalokho woza ngikululeke ukuba usindise ukuphila kwakho nokuphila kwendodana yakho uSolomoni.


funa, lapho inkosi yami, inkosi, isilele koyise, mina nendodana yami uSolomoni kuthiwe sinecala.”


Wayenaye ethukusiwe endlini kaJehova iminyaka eyisithupha; u-Athaliya wabusa ezweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite