Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 9:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 ukuba ubudlova obenziwe kuwo amadodana angamashumi ayisikhombisa kaJerubali* bufike, negazi labo libekwe phezu kuka-Abimeleki umfowabo owababulala, naphezu kwabaseShekemi abaqinisa izandla zakhe ukuba abulale abafowabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 Lokho kwenzeka ukuze kuphindiseleke unya alwenza emadodaneni kaJerubhali angama-70, nokuba igazi lawo libe phezu komfowabo u-Abhimelekhi, owawabulalayo, naphezu kwezakhamuzi zaseShekhemi ezenza abe namandla okubulala abafowabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Ukuze ububi obenziwa kumadodana kaJerubali angamashumi ayisikhombisa bufike, negazi lawo libekwe phezu kuka-Abimeleki umfowabo owawabulalayo; nangabakwaShekemi abamsiza ekubulaleni abafowabo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 9:24
12 Referans Kwoze  

UJehova uyakulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe, ngokuba wasukela amadoda amabili alungileyo amahle kunaye, wawabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi: u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakwa-Israyeli, no-Amasa indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.


Ukwelelesa kwakhe kubuyela ekhanda lakhe; ubudlwangudlwangu bakhe behlela okhakhayini lwakhe.


kepha lapho lokho kwafika phambi kwenkosi, yasho ngencwadi ukuba lelo cebo elibi ayelicebe ngabaJuda libuyele ekhanda lakhe, yena namadodana akhe baphanyekwe emthini.


USamuweli wathi: “Njengalokho inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana kunabanye.” USamuweli wayesehlahlela u-Agagi phambi kukaJehova eGiligali.


“ ‘Makaqalekiswe owamukela umvuzo ukuba abulale ongenacala, achithe igazi lakhe.’ “Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’


“ ‘Aniyikungcolisa izwe enikulo, ngokuba igazi liyalingcolisa izwe; alikho ihlawulo lezwe ngegazi elichithakele kulo, kuphela ngegazi lolichithile.


AbaseShekemi bambekela abaqamekeli eziqongweni zezintaba, baphanga bonke ababedlula kubo ngaleyo ndlela; kwabikwa ku-Abimeleki.


Wayesethi u-Adoni Bezeki: “Amakhosi angamashumi ayisikhombisa enqunyiwe izithupha nawoqukula acosha ukudla kwawo phansi kwetafula lami; njengalokho ngenzile, kanjalo uNkulunkulu uphindisele kimi.” Bamyisa eJerusalema, wafela khona.


Igazi labo liyakubuyela ekhanda likaJowabe nasekhanda lenzalo yakhe kuze kube phakade; kepha kuDavide, nakuyo inzalo yakhe, nakuyo indlu yakhe, nakuso isihlalo sakhe sobukhosi kuyakuba ngukuthula kuze kube phakade, kuvela kuJehova.”


Ngizakumbonga uJehova ngokokulunga kwakhe, ngihubele igama likaJehova oPhezukonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite