Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 9:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Ake nikhulume ezindlebeni zabo bonke abantu baseShekemi, nithi: ‘Yikuphi okuhle kini ukuba onke amadodana kaJerubali* angabantu abangamashumi ayisikhombisa anibuse nokuba nibuswe ngumuntu munye na?’ Khumbulani ukuthi mina ngiyithambo lenu nenyama yenu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Shonini kuzwa zonke izikhulu zaseShekhemi, ukuthi: ‘Yikuphi okungcono kini, ukuba nibuswe yiwo wonke amadodana kaJerubhali angama-70 noma nibuswe ngumuntu oyedwa, na?’ Khumbulani futhi ukuthi mina ngiyithambo lenu nenyama yenu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngakho khulumani ezindlebeni zabo bonke abantu beShekema ukuthi: Yikuphi okungcono kini, ukuthi wonke amadodana kaJerubhali, angamashumi ayisithupha, anibuse, noma yilowo abuse phezu kwenu, na? futhi khumbulani ukuthi mina ngiyithambo lenu nenyama yenu.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 9:2
8 Referans Kwoze  

UGideyoni wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa aphuma okhalweni lwakhe, ngokuba wayenabafazi abaningi.


ULabani wathi kuye: “Impela uyithambo lami nenyama yami.” Wahlala kuye inyanga yonke.


Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa amchithe obe nawo amandla okufa onguSathane,


Wonke u-Israyeli wabuthana kuDavide, wathi: “Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.


ngokuba singamalungu omzimba wakhe.


Yishoni ku-Amasa ukuthi: ‘Angithi uyithambo lami nenyama yami na? Makenze njalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ungayikuba yinduna yempi ngaphambi kwami njalo esikhundleni sikaJowabe.’ ”


Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubali,* abantu abangamashumi ayisikhombisa etsheni linye, kepha kwasala uJothamu indodana encinyane kaJerubali, ngokuba wacasha.


kepha niyivukele namuhla indlu kababa, nibulele amadodana akhe, abantu abangamashumi ayisikhombisa etsheni linye, nimbekile u-Abimeleki indodana yesigqilakazi sakhe inkosi yabaseShekemi ngokuba engumfowenu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite