Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 8:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Wayesethi kubantu baseSukoti: “Ake niphe abantu abangilandelayo izinkwa, ngokuba bayethile, ngisaxosha oZeba noSalimuna amakhosi akwaMidiyani.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Wayesethi kubantu baseSukhothi: “Ngiyanicela, ake ninike laba abangilandelayo izinkwa, ngokuba bakhathele, futhi ngisalandela uZebha noZalimuna, amakhosi akwaMidiyani.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wayesethi kubantu baseSukoti: “Nikani abantu abangilandelayo izinkwa; ngoba bakhathele futhi ngibaxosha oSheba noSalimuna amakhosi akwaMidiyani.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 8:5
11 Referans Kwoze  

UJakobe wasuka waya eSukoti, wazakhela indlu, wenzela izinkomo zakhe amathanga; ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iSukoti.*


UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi: “Ngiyakwethaba; ngiyakulidabula iShekemi, ngisilinganise isiGodi saseSukoti.


U-Abigayili wayeseshesha, wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili, nezimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, namaseya* ayisihlanu otshwele, nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa ezingamakhulu amabili zamakhiwane, wakubeka ezimbongolweni.


ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe, nangokuba baqasha ukuba kumelane nawe uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori laseMesopotamiya ukuba akuqalekise.


UMelkisedeki inkosi yaseSalema waletha isinkwa newayini; wayengumpristi kaNkulunkulu oPhezukonke.


OZeba noSalimuna babeseKarkori, izimpi zabo zinabo kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu, bonke ababesele empini yonke yabasempumalanga, ngokuba kwakuwile abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abahloma inkemba.


OZeba noSalimuna babaleka, wabaxosha; wawabamba amakhosi omabili akwaMidiyani, oZeba noSalimuna, wachitha impi yonke.


Wayesefika kubantu baseSukoti, wathi: “Bhekani oZeba noSalimuna enangiswabulela ngabo, nathi: ‘Izandla zikaZeba noSalimuna sezisesandleni sakho ukuba siphe amadoda akho ayethileyo isinkwa na?’ ”


‘Qalekisani iMerozi,’ kwasho ingelosi kaJehova; ‘qalekisani nokuqalekisa abantu balo, ngokuba abezanga ukumsiza uJehova ukuba bamsize uJehova ukulwa neziqhwaga.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite