Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 8:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 AbakwaMidiyani bathotshiswa kanjalo phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ababe besaphakamisa amakhanda abo. Izwe lathula iminyaka engamashumi amane ezinsukwini zikaGideyoni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 AbakwaMidiyani bathotshiswa phansi kwabakwa-Israyeli, abaphindanga babavukela. Izwe laba nokuthula iminyaka engama-40 ngezinsuku zikaGideyoni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Kanjalo amaMidiyani athotshiswa phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, kangangokuthi abazange baphinde baphakamise amakhanda abo. Izwe lathula iminyaka engamashumi amane emihleni kaGideyoni.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 8:28
10 Referans Kwoze  

“Mazibhubhe kanjalo zonke izitha zakho, Jehova; kepha abamthandayo mababe njengelanga, lapho liphuma ngamandla alo.” Izwe selaba nokuthula iminyaka engamashumi amane.


Izwe lase liba nokuthula iminyaka engamashumi amane. Wafa u-Otheniyeli indodana kaKenazi.


UJehova Sebawoti uyakulivusela isiswebhu njengasekubulaweni kwabakwaMidiyani ngasedwaleni lika-Orebi, nentonga yakhe iyakuba phezu kolwandle, ayiphakamise ngendlela yaseGibithe.


Ngokuba ijoka lomthwalo wabo, nenduku yamahlombe abo, noswazi lomhluphi wabo uyakwaphula njengasosukwini lukaMidiyani.


UMowabi wathotshiswa kanjalo ngalolo suku phansi kwesandla sakwa-Israyeli. Izwe laba nokuthula iminyaka engamashumi ayisihiyagalombili.


UGideyoni wenza ingubo yamahlombe ngakho, wayibeka emzini wakhe e-Ofira; bonke abakwa-Israyeli baya baphinga nayo khona; yaba lugibe kuGideyoni nendlu yakhe.


UJerubali* indodana kaJowashi waya wahlala endlini yakhe.


Ngokuba bheka, izitha zakho ziyaxokozela, nabakuzondayo baphakamisa ikhanda.


Ayesahlulwa amaFilisti, awabe esaphinda ukungena emikhawulweni ka-Israyeli; isandla sikaJehova sasimelene namaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite