Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 8:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 UGideyoni wathi kubo: “Angiyikunibusa, nendodana yami ayiyikunibusa; nguJehova oyakunibusa.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 UGideyoni wathi kubo: “Angizukunibusa, nendodana yami ayizukunibusa; nguSimakade ozonibusa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Wayesethi uGideyoni kubo: “Angiyikunibusa, nendodana yami ayiyikunibusa; uJehova uyakubusa phezu kwenu.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 8:23
14 Referans Kwoze  

Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu, uJehova ungumenzi wemithetho yethu, uJehova uyinkosi yethu; uyakusisindisa.


“Kepha lapho nabona uNahashi inkosi yabantwana bakwa-Amoni ephuma ukulwa nani, nathi kimi: ‘Hhayi, kepha masibuswe yinkosi,’ ingani uJehova uNkulunkulu wenu wayeyinkosi yenu.


kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu, yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu, nishilo nathi: ‘Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu.’ Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.”


kungesikho ukuthi siyabusa phezu kokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi zokuthokoza kwenu kanye nani, ngokuba nimi ekukholweni.


kungabi njengabazenza amakhosi phezu kwamabandla enabelwa wona, kodwa nibe yizibonelo zomhlambi;


Abantu, izikhulu zakwaGileyadi, bathi omunye komunye: “Ngumuphi umuntu oyakuqala ukulwa nabantwana bakwa-Amoni na? Yena uyakuba yinhloko yabo bonke abakhe kwaGileyadi.”


Lapho uJehova ebavusela abahluleli, uJehova wayenaye umahluleli, wabasindisa esandleni sezitha zabo izinsuku zonke zomahluleli, ngokuba uJehova waba nesihe ngokubulawa kwabo ngenxa yababacindezelayo nababakhathazayo.


Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo, nabangabizwanga ngegama lakho.


Abantu bakwa-Israyeli bathi kuGideyoni: “Sibuse, wena nendodana yakho, nendodana yendodana yakho futhi, ngokuba usisindisile esandleni sakwaMidiyani.”


UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade; abezizwe bayachithwa emhlabeni wakhe.


U-Israyeli makathokoze ngowamEnzayo, abantwana baseSiyoni bethabele iNkosi yabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite