Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 8:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Wayesesho koZeba noSalimuna, ethi: “Babe njani labo bantu enababulala eThabori na?” Bathi: “Babe njengawe; yilowo nalowo wafana nabantwana benkosi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Wathi kuZebha noZalimuna: “Nithini ngamadoda enawabulala eThabhori, na?” Baphendula bathi: “Lawo madoda ayefana nawe, wonke ayefana namadodana enkosi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Wayesethi kuSeba noSalimuna: “Babengobani laba enababulala eThabori na? Base bephendula bathi: “Njengoba unjalo, babenjalo; ngamunye wayebukeka njengabantwana benkosi.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 8:18
10 Referans Kwoze  

Wathuma wabiza uBaraki indodana ka-Abinohama waseKedeshi Nafetali, wathi kuye: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akayalanga yini ngokuthi: ‘Hamba usondele entabeni yaseThabori, uye nabantu abayizinkulungwane eziyishumi babantwana bakwaNafetali nabantwana bakwaZebuloni, na?


Yilabo abakhononayo nabasolayo, behamba ngezinkanuko zabo, umlomo wabo ukhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo.


Inyakatho neningizimu wakudala wena; iThabori neHermoni kuyajabula egameni lakho.


Bakhuluma amanga, kwaba yilowo nalowo kumakhelwane wakhe; ngezindebe ezithophayo bakhuluma nganhliziyombili.


Wayesethi kubantu baseSukoti: “Ake niphe abantu abangilandelayo izinkwa, ngokuba bayethile, ngisaxosha oZeba noSalimuna amakhosi akwaMidiyani.”


Wawubhidliza umbhoshongo wasePhenuweli, wabulala abantu bomuzi.


Wathi: “Babe ngabafowethu, amadodana kamame. Kuphila kukaJehova, uma benibayekile baphila, bengingayikunibulala.”


Bamtshela uSisera ukuthi uBaraki indodana ka-Abinohama ukhuphukele entabeni yaseThabori.


Wathi kuzo: “Bekungumuntu onjani owakhuphuka ukunihlangabeza, wanitshela lawo mazwi na?”


ebhince amabhande* okhalweni lwawo, enemishuqulo ebanzi emakhanda, onke ebonakala njengezikhulu ngokwesimo sabaseBabele ababezelwe ezweni laseKalideya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite