Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 8:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 OZeba noSalimuna babeseKarkori, izimpi zabo zinabo kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu, bonke ababesele empini yonke yabasempumalanga, ngokuba kwakuwile abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abahloma inkemba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ngaleso sikhathi uZebha noZalimuna babeseKharikhori nebutho labo, elalingamadoda ayizi-15 000, ayesale empini yabantu basempumalanga, ngoba kwakufe ngenkemba amadoda ayizi-120 000 ayehlome ngenkemba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 USeba noSalimuna baseKarkori, namabutho abo kanye nabo, kungathi amadoda ayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu, bonke abaseleyo kuwo wonke amakamu abantwana basempumalanga; ngoba kwawa amadoda ayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili ahloma inkemba.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 8:10
17 Referans Kwoze  

AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abasempumalanga bahlala esigodini njengesikhonyane ngobuningi; amakamela abo ayengenakubalwa, engangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi.


Yathi ibona inkosi yakwaMowabi ukuthi ukulwa kuyayahlula, yathatha abantu abangamakhulu ayisikhombisa abahosha inkemba ukufohlela enkosini yakwa-Edomi, kepha bahluleka.


Bonke abawa ngalolo suku kwaBenjamini babe ngabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu abahlome inkemba; bonke labo babe ngamaqhawe.


UJehova wanqoba uBenjamini phambi kuka-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli babulala ngalolo suku kwaBenjamini abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nekhulu; bonke labo babehlome inkemba.


UBenjamini waphuma eGibeya ukuhlangabezana nabo ngosuku lwesibili, wabuye wabulala kubantwana bakwa-Israyeli amadoda ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili; bonke labo babehlome inkemba.


Abantu bakwa-Israyeli ngaphandle kukaBenjamini babalwa baba yizinkulungwane ezingamakhulu amane, amadoda ahlome inkemba; bonke labo babe ngamadoda empi.


Abantwana bakwaBenjamini abavela emizini babalwa ngalolo suku baba ngamadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesithupha ahlome inkemba ngaphandle kwabakhileyo eGibeya ababalwa baba ngamakhulu ayisikhombisa, amadoda akhethiweyo.


Izinhloko zabantu bonke, izizwe zonke zakwa-Israyeli, zafika ebandleni labantu bakaNkulunkulu, abantu abayimigundatshani; abayizinkulungwane ezingamakhulu amane, abahlome inkemba.


Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.


Ngokuba ijoka lomthwalo wabo, nenduku yamahlombe abo, noswazi lomhluphi wabo uyakwaphula njengasosukwini lukaMidiyani.


Abantwana bakwa-Israyeli bathumba kubafowabo izinkulungwane ezingamakhulu amabili, abesifazane, namadodana, namadodakazi, besusa kubo nempango eningi, beyiyisa impango eSamariya.


Ngokuba uPheka indodana kaRemaliya wabulala kwaJuda izinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili ngalusuku lunye, bonke bengamadoda anamandla, ngokuba bebeshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise.


U-Abiya nabantu bakhe babaceka ngokuceka okukhulu; kwawa amadoda akhethiweyo akwa-Israyeli abuleweyo ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisihlanu.


Abetha amacilongo angamakhulu amathathu, uJehova wabhekisa inkemba yalowo nalowo ngakumngane wakhe nakulo ikamu lonke; ikamu labaleka kwaze kwaba seBeti Shitha ngaseSerera, laze lafika emkhawulweni we-Abela Mehola ngaseThabati.


Ngokuba benyuka nezinkomo zabo namatende abo, bafika njengesikhonyane ngobuningi; babengenakubalwa bona namakamela abo; bafika ezweni ukuba baliqede.


UGideyoni wenyuka ngendlela yabahlala ematendeni ngasempumalanga kwaseNoba neJogibeha, wanqoba impi, impi yayithi ilondekile.


Lapho efika uGideyoni, bheka, umuntu wayelandisa umngane wakhe iphupho, wathi: “Ngaphupha iphupho; bheka, iqebelengwane lesinkwa sebhali* lagingqikela ekamu lakwaMidiyani, lafika etendeni, lalishaya laze lawa, laligumbuqela, labhadalala.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite