Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 7:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 UGideyoni wayesethuma izithunywa ezintabeni zonke zakwa-Efrayimi, wathi: “Yehlani, nihlangabezane nabakwaMidiyani, nibavimbe emanzini kuze kube seBetha Bara naseJordani.” Onke amadoda akwa-Efrayimi ayesebuthana, abavimbela emanzini kwaze kwaba seBetha Bara naseJordani.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 UGideyoni wathumela izigijimi kulo lonke elisezintabeni kwa-Efrayimi, wathi: “Yehlani nilwe nabakwaMidiyani, nithathe imithombo kuze kuyofika eBhethi Bhara naseJordani.” Wonke amadoda akwa-Efrayimi abizwa, athatha imithombo yamanzi kwaze kwayofika eBhethi Bhara naseJordani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 UGideyoni wathuma izithunywa ezintabeni zakwa-Efrayimi, wathi: “Yehlani niye kwabakwaMidiyani, niwathumbe amanzi phambi kwabo kuze kube seBeti Bara naseJordani; Khona-ke bonke abantu bakwa-Efrayimi babuthana ndawonye, bathatha amanzi kwaze kwaba seBeti Bara naseJordani.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 7:24
7 Referans Kwoze  

Kuphela hambani ngokufanele ivangeli likaKristu, kuze kuthi, noma ngiza nginibona noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu zokuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye nilwela inkolo yevangeli,


Ngiyanincenga, bazalwane, ngenxa yeNkosi yethu uJesu Kristu nangenxa yothando lukaMoya ukuba nilwe kanye nami ekungikhulekeleni kuNkulunkulu,


Lokho kwenzeka eBethabara ngaphesheya kweJordani, lapho uJohane wayebhapathiza khona.


AbakwaGileyadi bavimba amazibuko aseJordani phambi kwabakwa-Efrayimi; kwathi lapho ababalekileyo bakwa-Efrayimi bethi: “Mangiwele,” abantu bakwaGileyadi bathi kuye: “Ungowakwa-Efrayimi na?” Uma ethi: “Cha,”


Ngibona amatende aseKushani ephansi kosizi, izilenge zezwe lakwaMidiyani ziyathuthumela.


UNkulunkulu unikele esandleni senu izikhulu zakwaMidiyani, o-Orebi noZebi; mina benginamandla okwenzani, uma kulinganiswa nokwenu, na?” Kwase kubohla ukuthukuthela kwabo ngaye, eseshilo lokho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite