Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 7:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Izigaba zontathu zabetha amacilongo, zaphohloza izitsha, zaphatha izimbaqa ngezandla zokhohlo namacilongo ngezandla zokunene ukuba ziwabethe; zamemeza zathi: “Inkemba kaJehova nekaGideyoni!”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Omathathu amaqembu abetha amacilongo, abulala izitsha ayeziphethe, ephethe izihlonti ngezandla zawo zokudla, ashaya amacilongo amemeza, athi: “Inkemba kaSimakade nekaGideyoni!”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Amalungu amathathu abetha amacilongo, aphihliza izitsha, aphatha izibani ngesandla sobunxele namacilongo ngezandla zokunene ukuba awashaye; bamemeza bathi: “Inkemba kaJehova nekaGideyoni!”

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 7:20
14 Referans Kwoze  

Kuyakuthi ngalolo suku libethwe icilongo elikhulu, kufike ababelahlekile ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.


Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, bungabi ngobuvela kithi.


ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe.


Abantu base bekhamuluka, amacilongo abethwa; kwathi lapho abantu bezwe ukukhala kwecilongo, abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, ugange lwawela phansi endaweni yalo, abantu benyukela emzini, yilowo nalowo waqonda phambili nje, bawuthatha umuzi.


Kwathi ngokwesikhombisa abapristi sebebethile amacilongo, uJoshuwa wathi kubantu: “Khamulukani, ngokuba uJehova uninikile umuzi.


Abapristi abayisikhombisa bayakuthwala amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi komphongolo; ngosuku lwesikhombisa niyakuwuzungeza umuzi kasikhombisa, abapristi babethe amacilongo.


Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunoKayini, athola ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu uqobo efakaza ngezipho zakhe; nangakho usakhuluma, noma efile.


ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala,


kepha ngizakukhuthalela ukuba ngezikhathi zonke emva kokumuka kwami nisale nizikhumbule lezo zinto.


UGideyoni namadoda ayikhulu ayenaye base befika emaphethelweni ekamu ngasekuqaleni komlindo ophakathi, besand' ukubeka abalindi; babetha amacilongo, baphohloza izitsha abaziphetheyo ngezandla.


Onke amadoda ayemi, kwaba yileyo naleyo, ahaqa ikamu; bonke abasekamu bagijima bamemeza.


Kwathi ngangomuso uSawule waviva abantu ngezigaba ezintathu; bafika phakathi kwekamu* ngomlindo wokusa, babulala abakwa-Amoni, laze lashisa ilanga; kwathi abaseleyo bahlakazeka, akusalanga kubo ababili bendawonye.


“Awu wena nkemba kaJehova, koze kube nini ungathuli na? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite