Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 7:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 UGideyoni namadoda ayikhulu ayenaye base befika emaphethelweni ekamu ngasekuqaleni komlindo ophakathi, besand' ukubeka abalindi; babetha amacilongo, baphohloza izitsha abaziphetheyo ngezandla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 UGideyoni nabayikhulu ababehamba naye bafika emaphethelweni enkambu yakwaMidiyani ngokuqala komlindo ophakathi, lapho abaqaphi bephuma kungena abanye; babetha amacilongo baphihliza izitsha ezazisezandleni zabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 UGideyoni namadoda ayikhulu ayenaye bafika emaphethelweni ekamu ekuqaleni kwabalindi abaphakathi; sebemise umlindi, bavuthela izimpondo zenqama, baphahlaza izimbiza ezazisezandleni zabo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 7:19
11 Referans Kwoze  

Bheka, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze balibone ihlazo lakhe.


ngokuba nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.


“Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niye kumhlangabeza!’


Uzakubaphula ngentonga yensimbi, ubaphahlaze njengesitsha sombumbi.”


Wahlukanisela amadoda angamakhulu amathathu izigaba ezintathu, wawanika, kwaba yileyo naleyo amacilongo ezandleni zawo, nezitsha ezingenalutho, nezimbaqa zisezitsheni.


Kwathi ngomlindo wokusa uJehova walunguza impi yabaseGibithe, esensikeni yomlilo neyefu, wayidunga impi yabaseGibithe.


Nxa ngibetha icilongo, mina nabo bonke abanami, bethani nani amacilongo nxazonke zekamu, nithi: ‘EkaJehova nekaGideyoni!’ ”


Izigaba zontathu zabetha amacilongo, zaphohloza izitsha, zaphatha izimbaqa ngezandla zokhohlo namacilongo ngezandla zokunene ukuba ziwabethe; zamemeza zathi: “Inkemba kaJehova nekaGideyoni!”


Ngokuba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengezolo selidlulile, nanjengomlindo ebusuku.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite