Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 7:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Lapho efika uGideyoni, bheka, umuntu wayelandisa umngane wakhe iphupho, wathi: “Ngaphupha iphupho; bheka, iqebelengwane lesinkwa sebhali* lagingqikela ekamu lakwaMidiyani, lafika etendeni, lalishaya laze lawa, laligumbuqela, labhadalala.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ngesikhathi efika uGideyoni, enye yamadoda yayixoxela umngani wayo iphupho layo, ithi: “Ngibe nephupho; ngiphuphe iqebelengwane lesinkwa esiyindilinga sebhali ligingqikela enkanjini yakwaMidiyani. Lifike lashaya ithende lawa, lagumbuqela, lapatalala.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Lapho uGideyoni efika, bheka, kwakukhona umuntu owaxoxela umngane wakhe iphupho, wathi: “Bheka, ngiphuphe iphupho, bheka, iqebelengwane lesinkwa sebhali liwela phakathi kwebutho lakwaMidiyani nasetendeni, layishaya. Yawa, yawugumbuqela, kwaze kwalala itende ngohlangothi lwayo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 7:13
10 Referans Kwoze  

kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla;


Wathi kuye: “O Nkosi, ngiyakumsindisa u-Israyeli ngantoni na? Bheka, umndeni wami umpofu kwaManase, mina ngingomncinyane endlini kababa.”


UJayeli umkaHebere wayesethatha isikhonkwane setende, waphatha isando ngesandla, wanyonyobela kuye, wambethela esikhaleni sendlebe ngesikhonkwane, sagqobhoza, saphumela emhlabathini, ngokuba wayelele ubuthongo obukhulu ediniwe; wafa kanjalo.


Wathi kuye: “Impela ngiyakuhamba nawe, kodwa indlela oyakuhamba ngayo ayiyikuba ngeyodumo lwakho, ngokuba uJehova uyakumthengisa uSisera esandleni sowesifazane.” Wayesesuka uDebora, wahamba noBaraki, baya eKedeshi.


Emva kwakhe kwafika uShamgari indodana ka-Anati owabulala kuwo amaFilisti abantu abangamakhulu ayisithupha ngocijo lwenkabi; naye wasindisa u-Israyeli.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera, umBenjamini, umuntu oyinxele; abantwana bakwa-Israyeli bathuma isipho ngaye ku-Egiloni inkosi yakwaMowabi.


AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abasempumalanga bahlala esigodini njengesikhonyane ngobuningi; amakamela abo ayengenakubalwa, engangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi.


Umngane wakhe waphendula wathi: “Lokhu akulutho ngaphandle kwenkemba kaGideyoni indodana kaJowashi, umuntu wakwa-Israyeli; uNkulunkulu unikele esandleni sakhe uMidiyani nempi yonke.”


OZeba noSalimuna babeseKarkori, izimpi zabo zinabo kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu, bonke ababesele empini yonke yabasempumalanga, ngokuba kwakuwile abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abahloma inkemba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite