Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 7:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 uzakuzwa ukuthi bathini, andukuba kuqiniswe izandla zakho ukuba wehlele ekamu.” Khona wehla noPhura udibi lwakhe emaphethelweni abahlomileyo abasekamu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 uyokuzwa abakushoyo, emveni kwalokho uyakuqina idolo, wehlele enkanjini.” Wahamba noPhura, inceku yakhe, waya emaphethelweni alabo abahlomile ababesenkanjini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Futhi kumelwe uzwe lokho abakushoyo; ngasemuva izandla zakho ziyakuqiniswa ukuba wehlele empini. Wayesehla noPhura inceku yakhe, baya ngaphandle kwabahlomile ababesempini.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 7:11
15 Referans Kwoze  

Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.


bagubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza, ngokuba uJehova wayebathokozisile, waguqulela inhliziyo yenkosi yase-Asiriya kubo ukuba kuqiniswe izandla zabo emsebenzini wendlu kaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Kwasuka uJonathani indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, waqinisa isandla sakhe kuNkulunkulu.


Kepha uNkulunkulu wabagwegwisa abantu ngendlela yasehlane ngaseLwandle Olubomvu; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka ezweni laseGibithe behlomile.


Makuthi intombazana engizakusho kuyo ukuthi: ‘Mawubeke phansi imbiza yakho, ngiphuze,’ ithi: ‘Phuza, ngizakuphuzisa namakamela akho,’ ibe yileyo-ke oyimisele inceku yakho u-Isaka; ngalokho ngizakwazi ukuthi wenzele inkosi yami umusa.”


ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi;


Ngokuba bonke babesethusa bethi: “Izandla zabo ziyakudangala emsebenzini ukuba ungenziwa.” Ngase ngikhuleka ngathi: “Kepha manje, Nkosi, qinisa izandla zami.”


Abantu basekhandeni bamphendula uJonathani nodibi lwakhe, bathi: “Khuphukelani kithi, siyakunifundisa indaba.” UJonathani wayesethi odibini oluphethe izikhali zakhe: “Khuphuka emva kwami, ngokuba uJehova ubanikele esandleni sakwa-Israyeli.”


Kepha uma wesaba ukwehla, yehla noPhura udibi lwakho, niye ekamu;


UDavide wayesethatha washo ku-Ahimeleki umHeti naku-Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, ethi: “Ngubani oyakwehla nami ukuya kuSawule ekamu* na?” U-Abishayi wathi: “Ngiyakwehla nawe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite