Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 7:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJerubali* onguGideyoni nabantu bonke ababenaye bavuka ekuseni, bamisa ngasemthonjeni waseHarodi; ikamu* lakwaMidiyani lalingasenyakatho kwabo ngasegqumeni laseMore esigodini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 UJerubhali okunguGideyoni, nawo wonke amabutho ayehamba naye, bavuka ekuseni bayokanisa ngasemthonjeni kaHarodi. Inkambu yabakwaMidiyani yayingasenyakatho kwabo, phansi kwegquma iMore, esigodini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJerubali, onguGideyoni, namadoda onke ayenaye, bavuka ekuseni, bamisa ngasemthonjeni waseHarodi; impi yamaMidiyani yayisenyakatho yabo ngasegqumeni laseMore esigodini.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 7:1
14 Referans Kwoze  

Ngalokho ngalolo suku wambiza ngokuthi uJerubali,* ethi: “UBali makalwe naye ngokuba elibhidlizile i-altare lakhe.”


Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


U-Abrama wadabula izwe, waze wafika endaweni yaseShekemi nase-okini* laseMore; amaKhanani ayesekhona ezweni.


UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abapristi bathatha umphongolo kaJehova.


UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, basuka eShithimi, bafika eJordani, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli, balala khona ebusuku bengakaweli.


Angithi ziphesheya kweJordani ngalaphaya kwendlela yasentshonalanga ezweni lamaKhanani ahlala e-Araba, malungana neGiligali ngaseceleni kwama-oki* aseMore na?


U-Abrahama wavuka ekuseni, wabophela imbongolo yakhe, wathatha ezimbili ezincekwini zakhe, no-Isaka indodana yakhe; wacanda izinkuni zomnikelo obuzakushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu abemtshele yona.


Wenze njalo uNkulunkulu ngalobo busuku, ngokuba kwakomile eboyeni bodwa, kepha emhlabathini wonke kwakukhona amazolo.


UJerubali* indodana kaJowashi waya wahlala endlini yakhe.


UJehova wayesethuma oJerubali, noBedani, noJefta, noSamuweli, wanophula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala nalondeka.


noShama waseHarodi, no-Elika waseHarodi,


Yenza kubo njengakuMidiyani, nakuSisera, nakuJabini ngasemfuleni iKishoni,


Kwabuthana bonke abakwaMidiyani, nama-Amaleki, nabasempumalanga, bawela, bamisa esiGodini saseJizreyeli.


AmaFilisti abutha zonke izimpi zawo e-Afeki; abakwa-Israyeli bamisa ngasemthonjeni oseJizreyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite