Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 6:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 UGideyoni wamakhela uJehova i-altare khona, waliqamba igama lokuthi iJehova Shalomi; kuze kube namuhla lisekhona e-Ofira lama-Abiyezeri.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 UGideyoni wamakhela uSimakade i-althare lapho, waliqamba wathi: uSimakade Ungukuthula. Kuze kube namuhla lisekhona lapho e-Ofira lama-Abhiyezeri.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 UGideyoni wamakhela khona uJehova i-altare, walibiza ngokuthi: UJehova, ukuthula; kuze kube namuhla iseOfira lama-Abiyezeri.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 6:24
20 Referans Kwoze  

UMose walakha i-altare, waliqamba igama lokuthi iJehova-Nisi.


U-Abrahama waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi uJehova uyabonelela, njengalokhu kuthiwa nanamuhla: Entabeni kaJehova kuyakubonelelwa.


UGideyoni indodana kaJowashi wafa esemdala, wembelwa ethuneni likaJowashi uyise e-Ofira lama-Abiyezeri.


“Nxazonke kuyakuba yizingalo eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili. “Igama lomuzi kusukela kulolu suku liyakuthiwa UJEHOVA ULAPHA.”


Ezinsukwini zalo uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo lokuthi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.


Ngalezo zinsuku uJuda uyakusindiswa, neJerusalema liyakuhlala lilondekile; yileli gama eliyakubizwa ngalo, elithi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.’


Kwathi ngakusasa abantu bavuka ekuseni, bakha khona i-altare, banikela ngeminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula.


sebefike eziyingeni zamatshe ngaseJordani ezisezweni laseKhanani abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakha khona i-altare ngaseJordani, liyi-altare elikhulu ukubonakala kwalo.


Wakha khona i-altare, walibiza ngokuthi i-Eli Elohe Israyeli.*


Lawa angamadodana kaGileyadi: kwa-Iyezeri: ngumndeni wakwa-Iyezeri; kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki;


UJehova wathi kuye: “Ukuthula makube kuwe; ungesabi, awuyikufa.”


UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho.” Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.


Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi lingasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wakhuleka egameni likaJehova.


UGideyoni wenza ingubo yamahlombe ngakho, wayibeka emzini wakhe e-Ofira; bonke abakwa-Israyeli baya baphinga nayo khona; yaba lugibe kuGideyoni nendlu yakhe.


Wayebuyela eRama, ngokuba indlu yakhe yayilapho; wahlulela u-Israyeli khona, wamakhela lapho uJehova i-altare.


USawule wamakhela uJehova i-altare; kwakuyi-altare lokuqala amakhela lona uJehova.


UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. UJehova wancengwa ngenxa yezwe, isifo sanqamuka kwa-Israyeli.


Wakha i-altare ngamatshe egameni likaJehova, wenza umsele ngase-altare nxazonke olingene namaseya* amabili embewu.


Kwase kusuka uJeshuwa indodana kaJosadaki, nabafowabo abapristi, noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, nabafowabo, bakha i-altare likaNkulunkulu ka-Israyeli ukuba banikele ngeminikelo yokushiswa phezu kwalo njengokulotshiweyo emthethweni kaMose umuntu kaNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite