Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 6:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Wayesebona uGideyoni ukuthi iyingelosi kaJehova; uGideyoni wathi: “Maye, Nkosi Nkulunkulu! Ngokuba ngibonile ingelosi kaJehova ubuso nobuso.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Kwamkhanyela uGideyoni ukuthi bekuyingelosi kaSimakade; wayesethi uGideyoni: “Maye, Nkosi Simakade! Ngokuba ngibonile ingelosi kaSimakade ubuso nobuso.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kwathi uGideyoni ebona ukuthi iyingelosi kaJehova, uGideyoni wathi: “Awu, Nkosi Jehova! ngokuba ngabona ingelosi kaJehova ubuso nobuso.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 6:22
12 Referans Kwoze  

UJakobe waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iPheniyeli,* ngokuba wathi: “Sibonene noNkulunkulu ubuso nobuso, nokho umphefumulo wami wophulwa.”


Wathi: “Awunakubona ubuso bami, ngokuba akukho muntu ongangibona, aphile.”


Ngokuba ngubani enyameni yonke ozwile njengathi izwi likaNkulunkulu ophilayo livela phakathi komlilo, waphila, na?


U-Isaya wakusho lokho, ngokuba ebona inkazimulo yakhe, ekhuluma ngaye.


Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.


nathi: ‘Bheka, uJehova uNkulunkulu wethu usibonisile inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, salizwa izwi lakhe livela phakathi komlilo; sibonile namuhla ukuthi uNkulunkulu uyakhuluma nomuntu, adlule aphile.


Mina ngema phakathi kukaJehova nani ngaleso sikhathi ukunazisa izwi likaJehova, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anakhuphukela entabeni. Wathi:


Wamqamba uJehova owayekhulume kuye igama lokuthi: “Wena unguNkulunkulu Obonayo,” ngokuba wathi: “Imbala ngimbonile ongibonayo na?”


UJehova wathi kuye: “Ukuthula makube kuwe; ungesabi, awuyikufa.”


Ilanga lamphumela esadlula iPheniyeli, waqhuga enyongeni yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite