Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 6:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ingelosi kaJehova yase yelula isihloko sentonga esesandleni sayo, yathinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo; kwenyuka umlilo edwaleni, wadla waqeda inyama namaqebelengwane angenamvubelo; ingelosi kaJehova yayisimuka emehlweni akhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Ingelosi kaSimakade yayisithinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo ngesihloko senduku eyayisesandleni sayo; kwaphuma umlilo edwaleni, wadla inyama namaqebelengwane angenamvubelo; ingelosi kaSimakade yayisinyamalala emehlweni akhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ingelosi kaJehova yase yelula isihloko sentonga eyayisesandleni sayo, yathinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo; kwakhuphuka umlilo edwaleni, wadla inyama namaqebelengwane angenamvubelo. Ingelosi kaJehova yasuka ebusweni bakhe.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 6:21
8 Referans Kwoze  

Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; sebekubona abantu bonke bananela, bakhothamela phansi ngobuso.


USolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.


Wawusuwehla umlilo kaJehova, wawuqeda umnikelo wokushiswa, nezinkuni, namatshe, nothuli, wakhotha amanzi asemseleni.


UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, wambiza uJehova; wamphendula esezulwini ngomlilo e-altare lomnikelo wokushiswa.


Kwathi ilangabi lisaphuma e-altare lenyukela ngasezulwini, ingelosi kaJehova yenyuka elangabini le-altare; uManowa nomkakhe babukela; bawa ngobuso emhlabathini.


Ingelosi kaNkulunkulu yathi kuye: “Thatha inyama namaqebelengwane angenamvubelo, ukubeke edwaleni leli, uwuthulule umhluzi.” Wenze njalo.


UManowa walithatha izinyane lembuzi kanye nomnikelo wempuphu, wanikela ngakho kuJehova edwaleni. Yase yenza okumangalisayo, uManowa nomkakhe bebukela.


“ ‘Lesi siyakuba yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lokho akukhulumileyo:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite