Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 6:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Wathi kuye: “O Nkosi, ngiyakumsindisa u-Israyeli ngantoni na? Bheka, umndeni wami umpofu kwaManase, mina ngingomncinyane endlini kababa.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Waphendula wathi: “Kodwa Nkosi, ngingamkhulula kanjani u-Israyeli, na? Umndeni wakithi ungomncinyane kwaManase, nami ngingomncane endlini kababa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Wathi kuye: “Awu, Nkosi yami, ngiyakumkhulula ngani u-Israyeli na?” bheka, umndeni wakithi umpofu kwaManase, mina ngingomncinyane endlini kababa.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 6:15
13 Referans Kwoze  

USawule waphendula wathi: “Angisiye owakwaBenjamini yini, owesincane sezizwe zakwa-Israyeli, na? Nomndeni wakithi awumncane yini kuyo yonke imindeni yesizwe sakwaBenjamini na? Ukhulumelani kimi ngale ndlela na?”


UMose wayesethi kuNkulunkulu: “Ngingubani mina ukuba ngiye kuFaro, ngikhiphe eGibithe abantwana bakwa-Israyeli na?”


UMose wayesethi kuJehova: “Nkosi, angizange ngibe ngumuntu oyiqaphuqaphu, nakuqala namanje lapho usukhulumile encekwini yakho, ngokuba umlomo wami unzima, unamalimi.”


Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana.”


Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo


Ngokuba mina ngingomncinyane kubaphostoli, engingafanele ukuthiwa umphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu.


UMariya wathi engelosini: “Lokhu kuyakwenzeka kanjani, njengokuba ngingayazi indoda na?”


“Kepha wena Betlehema Efratha, omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe, ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.”


Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehova asinike ngeBabele namacebo awacebe ngezwe lamaKaledi ukuthi: Abancinyane bomhlambi bayakudonswa, basuswe impela, ikhaya labo limangale ngabo.


Izinceku zikaSawule zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zikaDavide. UDavide wathi: “Kuyinto elula emehlweni enu ukuba ngibe ngumkhwenyana wenkosi, lokhu ngingumuntu ompofu nodelelikileyo na?”


angifanele neze wonke umusa nalo lonke iqiniso okwenzele inceku yakho, ngokuba ngawela leli Jordani ngodondolo lwami kuphela, manje sengingamaqembu amabili.


Kwafika ingelosi kaJehova, yahlala phansi kwe-oki* lase-Ofira likaJowashi umAbiyezeri; indodana yakhe uGideyoni yayibhula ukolweni esikhamweni sewayini ukuba amthukusele abakwaMidiyani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite