Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 6:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UGideyoni wathi kuyo: “O nkosi yami, uma uJehova enathi, konke lokhu kusehlele ngani na? Ziphi izimangaliso zakhe abasitshela ngazo obaba, bathi: ‘UJehova akasikhuphulanga eGibithe na?’ Kepha manje uJehova usilahlile, wasinikela esandleni sakwaMidiyani.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 UGideyoni wathi kuyo: “Kodwa mnumzane, uma uSimakade enathi, kungani kwenzeke konke lokhu kithi, na? Ziphi zonke izenzo zakhe ezimangalisayo, okhokho bethu abasixoxela ngazo, bethi: ‘Akazange yini uSimakade asikhuphule eGibhithe, na?’ Kepha manje uSimakade usilahlile, wasinikela esandleni sabakwaMidiyani.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UGideyoni wathi kuye: “Awu, Nkosi yami, uma uJehova enathi, kungani konke lokhu kusehlele na? ziphi zonke izibonakaliso zakhe okhokho bethu abasitshela ngazo, besithi: UJehova kasikhuphulanga yini eGibhithe? kepha manje uJehova usilahlile, wasinikela esandleni sakwaMidiyani.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 6:13
22 Referans Kwoze  

waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: “Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.


Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu, okhokho besilandisa ngesenzo owasenzayo emihleni yabo, emihleni yasendulo.


Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho: kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.


“Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi, kepha awakho, nolimi lwabo luphele ukoma; mina Jehova ngiyakubaphendula, mina Nkulunkulu ka-Israyeli angiyikubashiya.


Nkosi, uphi umusa wakho wakuqala owawufungela kuDavide ngokuthembeka kwakho na?


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo suku, ngibashiye, ngifihle ubuso bami kubo; bayakudliwa, behlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolo suku: ‘Lokhu okubi akusehlelanga yini ngokuba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?’


Abantwana baqhubukushana phakathi kwakhe; wathi: “Uma kunje, ngisekhona ngani na?” Waya wabuza kuJehova.


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


“Nxa laba bantu, noma umprofethi, noma umpristi, bekubuza bethi: ‘Iyini indaba kaJehova?’ uyakubatshela ukuthi: ‘Yinina eniyindaba,’ nokuthi: ‘Ngiyakunilahla, usho uJehova.’


Ungafihli ubuso bakho kimi, ungaxoshi inceku yakho ngokuthukuthela; wena ulusizo lwami, ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami.


yebo, bonke abantu bayakuthi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe na? Kuthini ukuvutha kwalolu laka olukhulu na?’


Kepha abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni sakwaMidiyani iminyaka eyisikhombisa.


Ingelosi kaJehova yabonakala kuye, yathi kuye: “UJehova unawe wena qhawe elinamandla.”


Nokho ususilahlile, wasijabhisa; awusaphumi nezimpi zethu.


Nguwe owabaxosha abezizwe ngesandla sakho, kepha bona wabatshala; wazichitha izizwe, kepha bona wabandisa.


Abantu bakhe base bekhumbula izinsuku zakuqala zikaMose, bathi: Uphi yena owabakhipha elwandle kanye nabelusi bomhlambi wakhe, na? Uphi yena owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite