Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 5:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Izintaba zathuthumela ebusweni bukaJehova, yebo, nalo iSinayi lelo, ebusweni bukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Izintaba zathuthumela phambi kukaSimakade waseSinayi, phambi kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Izintaba zancibilika phambi kukaJehova, yebo, neSinayi phambi kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 5:5
14 Referans Kwoze  

Yonke intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi wesithando; intaba yonke yazamazama kakhulu.


Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova, phambi kweNkosi yomhlaba wonke.


Izintaba ziyathuthumela phambi kwakhe, amagquma ayancibilika; umhlaba uyaphakama ebusweni bakhe, yebo, nakho konke okuhlala kuwo.


Ngokuba anizanga entabeni ephathekayo nesha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini,


Izintaba ziyakubona, zithuthumele; isikhukhula samanzi siyadlula; utwa luzwakalisa izwi lalo, luphakamisela phezulu izandla zalo.


umhlaba wazamazama, izulu laconsa phambi kukaNkulunkulu, neSinayi lazamazama phambi kukaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Izintaba zatshekula njengezinqama, amagquma njengamawundlu.


Bonke abantu babona ukuduma nokunyazima kombani, nezwi lecilongo, nentaba ithunqa; kwathi abantu sebebonile, bathuthumela, bema kude.


yena obheka umhlaba, besewuthuthumela, othinta izintaba, zithunqe.


Wanisa imvula enkulu, Nkulunkulu; ifa lakho selahlulekile, waliqinisa.


Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo, nabangabizwanga ngegama lakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite