Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 5:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri, ekusukeni kwakho ezweni lakwa-Edomi umhlaba wazamazama, namazulu aconsa, yebo, amafu aconsa amanzi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 “Simakade lapho uphuma eSeyiri, uphuma esifundeni kwa-Edomi umhlaba wazamazama namazulu ayithulula, amafu athulula amanzi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri, ekukhuphukeni kwakho ezweni lakwa-Edomi, umhlaba wazamazama, nezulu laconsa, namafu aconsa amanzi.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 5:4
13 Referans Kwoze  

“UJehova wavela eSinayi, wabaphumela evela eSeyiri, wanyampuza entabeni yasePharanu, weza ephuma ezigidini zendawo engcwele; ngakwesokunene sakhe kwavutha umlilo.


“Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezulu zathuthumela, zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele.


Amafu athela amanzi, izulu laduma, imicibisholo yakho yaphuma.


ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo, kuthuthumele izinsika zawo;


ozwi lakhe lanyakazisa umhlaba ngaleso sikhathi, kepha manje uthembisile wathi: “Kusezakuba kanye ngizamazamise kungabi ngumhlaba wodwa, kepha nezulu futhi.”


Wanisa imvula enkulu, Nkulunkulu; ifa lakho selahlulekile, waliqinisa.


Izwi lokuduma kwakho lalisesivunguvungwini; imibani yakhanyisa izwe; umhlaba wadikizela, wazamazama.


Waziyala ngokuthi: “Niyakukhuluma kanje enkosini yami u-Esawu, nithi: ‘Inceku yakho uJakobe ithi: Ngigogobele kuLabani, ngilibele kuze kube manje;


Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo, nabangabizwanga ngegama lakho.


Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe, nezigodi ziyakuqhekezeka njengengcina phambi komlilo, njengamanzi athululwe emaweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite