Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 5:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Wahlalelani ezibayeni zezimvu ukuzwa ikhwelo lemihlambi na? Ngaseminonjaneni yakwaRubeni kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Wahlalelani esihulugwini ukuze uzwe ukukhala kwemihlambi na? Phakathi kwabomndeni wakwaRubeni kwakukhona okukhulu ukuzihlola ezinhliziyweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Nihlalelani phakathi kwezibaya ukuze nizwe ukukhala komhlambi na? Ezigabeni zakwaRubeni kwakukhona ukuhlola okukhulu kwenhliziyo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 5:16
11 Referans Kwoze  

Zakheleni imizi yabancane benu nezibaya zezimvu zenu, nikwenze lokho okuphumileyo emlonyeni wenu.”


abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba.


ngokuba bonke bafuna okwabo, abafuni okukaJesu Kristu.


Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu, ngizindla enhliziyweni yami; nomoya wami uyahlolisisa.


Thukuthelani ningoni; zindlani enhliziyweni yenu okhukhweni lwenu, nithule. Sela*


Izikhulu zakwa-Isakare zazinaye uDebora; njengo-Isakare, kanjalo noBaraki; behlela ngokushesha esigodini ezinyathelweni zakhe. Ngaseminonjaneni yakwaRubeni kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.


“U-Isakare uyimbongolo enamandla, elala phakathi kwezibaya.


Nxa nilala phakathi kwezibaya, kunjengamaphiko ejuba asibekelwa ngesiliva, izimpaphe zamaphiko alo ngegolide elikhazimulayo.


UMose wayesethi kubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaRubeni: “Abafowenu bayakuphuma impi, nina nihlale lapha, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite