Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 5:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Izikhulu zakwa-Isakare zazinaye uDebora; njengo-Isakare, kanjalo noBaraki; behlela ngokushesha esigodini ezinyathelweni zakhe. Ngaseminonjaneni yakwaRubeni kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Izikhulu zakwa-Isakhare zeza noDebhora, no-Isakhare wethembeka kuBharaki; baphuthuma esigodini besezithendeni zakhe. Phakathi kwabomndeni kaRubeni kwaba nokuzihlola okukhulu ezinhliziyweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Izikhulu zakwa-Isakare zazinoDebora; yebo, u-Isakare kanye noBharaki; wathunyelwa ngezinyawo esigodini. Ezigabeni zakwaRubeni kwakukhona imicabango emikhulu yenhliziyo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 5:15
10 Referans Kwoze  

UDebora wathi kuBaraki: “Vuka, ngokuba yilolu suku uJehova anikele ngalo uSisera esandleni sakho; uJehova akaphumanga phambi kwakho na?” UBaraki wehla entabeni yaseThabori nabantu abayizinkulungwane eziyishumi emva kwakhe.


Ngokuba ngiyanishisekela ngokushisekela kukaNkulunkulu, ngokuba nganendisela endodeni eyodwa ukuba nginiyise kuKristu niyintombi emhlophe.


Kepha thina sandulela ukuya emkhunjini, samuka saya e-Asu, lapho sasizakumkhwelisa khona uPawulu; ngokuba wayenqumile kanjalo, yena ebezakuhamba ngezinyawo.


Kwase kuvela ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana; uBarnaba wathatha uMarku, wawelela eKhupro ngomkhumbi.


Ivila lithi: “Kukhona ingonyama ngaphandle; ngiyakubulawa phandle esigcawini.”


Kubantwana bakwa-Isakare ngabazi ukuqonda izikhathi ukuba bazi okufanele ukwenziwa ngu-Israyeli; izinhloko zabo zazingamakhulu amabili; bonke abafowabo balalela izwi labo.


UBaraki wabiza oZebuloni noNafetali ukuba beze eKedeshi; kwakhuphuka abantu abayizinkulungwane eziyishumi ezinyathelweni zakhe; naye uDebora wakhuphuka naye.


Wathuma wabiza uBaraki indodana ka-Abinohama waseKedeshi Nafetali, wathi kuye: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akayalanga yini ngokuthi: ‘Hamba usondele entabeni yaseThabori, uye nabantu abayizinkulungwane eziyishumi babantwana bakwaNafetali nabantwana bakwaZebuloni, na?


Wahlalelani ezibayeni zezimvu ukuzwa ikhwelo lemihlambi na? Ngaseminonjaneni yakwaRubeni kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.


Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite