Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 5:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ekwahlukaniseni impango phakathi kwemiqengqe yamanzi balanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova, ukulunga kokubusa kwakhe kwa-Israyeli; khona abantu bakaJehova behlela emasangweni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Lalelani umsindo wabaculi besemithonjeni yamanzi, lapho bephinda ukunqoba kuka-Simakade, ukunqoba kwezihlupheki kwa-Israyeli. Abantu bakaSimakade behlela emasangweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Labo abakhululwa emsindweni wabacibishelayo ezindaweni zemithombo yamanzi, lapho bayakuzwa izenzo zokulunga zikaJehova, izenzo ezilungileyo kwabakhileyo emadolobheni akhe kwa-Israyeli; khona-ke abantu bakaJehova bayakwehla baye emasangweni.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 5:11
19 Referans Kwoze  

Bantu bami, ake nikhumbule okwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi, nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori, nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali, nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.”


Kalokhu yimani ukuba ngiphendulane nani phambi kukaJehova ngezenzo zonke ezilungileyo zikaJehova azenza kini nakoyihlo.


Bakhetha onkulunkulu abasha; lapho kwafika impi emasangweni; kwabonwa isihlangu noma umkhonto yini phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?


Sithola ukudla kwethu ngokuzidela amathambo ngenxa yenkemba yasehlane.


Amanzi ethu siyawaphuza ngemali, izinkuni zethu ziza ngentengo.


“Yima esangweni lendlu kaJehova, umemeze lapho leli zwi, uthi: “ ‘Zwanini izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango ukukhuleka kuJehova.


nomoya wokwahlulela kohlezi ekwahluleleni, namandla kubo ababuyisa impi esangweni.


Ngalokho niyakukha amanzi ngokujabula emithonjeni yensindiso.


“Lapho ngaphuma ngaya esangweni ngasemzini, ngalungisa isihlalo sami esigcawini,


niyakubakhiphela bobabili ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga ingani isemzini, nendoda, ngokuba imonile umkamakhelwane wakhe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.


Bayakweneka kakhulu inkumbulo yobuhle bakho obukhulu, bahube ngokulunga kwakho.


Yaguqisa amakamela ayo ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi kusihlwa, ngesikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi.


Wabheka, nanko umthombo endle, nemihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo, ngokuba kulowo mthombo babephuzisa imihlambi; itshe elalisemlonyeni womthombo lalilikhulu kakhulu.


Kwabuthelwa khona imihlambi yonke, balisusa itshe emlonyeni womthombo, baphuzisa izimvu, balibuyisela itshe emlonyeni womthombo endaweni yalo.


Wazikhethela isabelo sokuqala, ngokuba sasigodliwe lapho isabelo somahluleli; wahamba nezinhloko zabantu, wafeza ukulunga kukaJehova, nezahlulelo zakhe kanye no-Israyeli.”


Kwaba yisimiso kwa-Israyeli ukuba amadodakazi akwa-Israyeli aye yonke iminyaka ukuyitusa indodakazi kaJefta wakwaGileyadi izinsuku ezine ngomnyaka.


Umlomo wami uyakulanda ukulunga kwakho, nensindiso yakho lonke usuku; ngokuba anginakukubala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite