Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 5:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Base behlabelela oDebora noBaraki indodana ka-Abinohama ngalolo suku, bethi:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 UDebhora noBharaki, indodana ka-Abhinowami, bacula ngalolo lusuku, bathi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngalolo suku uDebora noBaraki, indodana ka-Abinohama, bahlabelela, bathi:

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 5:1
20 Referans Kwoze  

Base behlabelela uMose nabantwana bakwa-Israyeli leli gama, bekhuluma bethi: “Ngizakuhlabelela kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.


Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami.


Wayesethi uMariya: “Umphefumulo wami uyayitusa Nkosi,


Ngalolo suku lesi sihlabelelo siyakuhlatshelelwa ezweni lakwaJuda sokuthi: Umuzi onamandla sinawo; uyasimisela insindiso ibe yizingange nezindonga.


Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa, ngidumise igama lakho, ngokuba wenzile izimangaliso, namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.


lapho izinkanyezi zokusa zahlabelela kanyekanye, nawo onke amadodana kaNkulunkulu ajabula, na?


Base bebuya bonke abantu bakwaJuda nabaseJerusalema, uJehoshafati ephambi kwabo, ukuba babuyele eJerusalema ngentokozo, ngokuba uJehova wayesebathokozisile phezu kwezitha zabo.


Eselulekene nabantu wamisa abayakuhlabelela kuJehova ukuba bamdumise behlotshisiwe ngobungcwele, besaphuma ngaphambi kwempi, bathi: “Bongani uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade.”


UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyethaba kuJehova, uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami ukhamisile phezu kwezitha zami, ngokuba ngenama ngensindiso yakho.


U-Israyeli wayesehlabelela lesi sihlabelelo sokuthi: “Mpompoza, mthombo, nihlabelele kuwo,


UMiriyamu wabaphendula ngokuthi: “Hlabelelani kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.”


Isandla sabantwana bakwa-Israyeli saqhubeka saba namandla njalo phezu kukaJabini inkosi yaseKhanani, baze bamqeda uJabini inkosi yaseKhanani.


Khumbula ukukhulisa izenzo zakhe abahlabelela ngazo abantu.


Wena uyindawo yami yokucasha; uyangilondoloza ngingahlupheki; ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela*


UDebora umprofethikazi, umkaLapidoti, wahlulela u-Israyeli ngaleso sikhathi.


UDavide wakhuluma kuJehova amazwi aleli hubo mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite