Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 4:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngiyakusondeza kuwe emfudlaneni iKishoni uSisera induna yempi kaJabini, nezinqola zakhe, nesixuku sakhe, ngimnikele esandleni sakho.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ngizokumyenga uSisera, umkhuzi wempi kaJabhini nezinqola zakhe zempi namabutho akhe, ukuba babhekane nawe ngasemfuleni iKhishoni, ngizakumnikela esandleni sakho.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngiyakudonsela kuwe uSisera induna yempi kaJabini nezinqola zakhe nesixuku sakhe emfuleni iKishoni; ngiyakumnikela esandleni sakho.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 4:7
17 Referans Kwoze  

U-Eliya wathi kubo: “Bambani abaprofethi bakaBali, kungabaleki noyedwa kubo.” Bababamba, u-Eliya wabehlisela emfudlaneni iKishoni, wababulala khona.


Umfudlana iKishoni wabakhukhula, umfudlana wamandulo, umfudlana iKishoni. Awu, mphefumulo wami, nyathela ngamandla.


Ulandile namuhla ukuthi ungenzele okuhle, njengokuba, lapho uJehova ebenginikele esandleni sakho, awungibulalanga.


Bheka, namuhla amehlo akho abonile ukuthi uJehova wayekunikele esandleni sami emhumeni; abanye bathi mangikubulale, kepha ngakuhawukela, ngathi: ‘Angiyikwelulela isandla sami kuyo inkosi yami, ngokuba ingogcotshiweyo kaJehova.’


UDebora wathi kuBaraki: “Vuka, ngokuba yilolu suku uJehova anikele ngalo uSisera esandleni sakho; uJehova akaphumanga phambi kwakho na?” UBaraki wehla entabeni yaseThabori nabantu abayizinkulungwane eziyishumi emva kwakhe.


UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba ngibanikele ezandleni zakho; akuyikubakho muntu wabo ongema phambi kwakho.”


niyakusuka ekuqamekeleni, niwudle umuzi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uyakuwunikela esandleni senu.


Kepha uma ebengamqamekeli, uNkulunkulu emnikela nje esandleni sakhe, ngiyakukumisela indawo ayakubalekela kuyo.


Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, abalandele; ngiyakudunyiswa ngoFaro nangebandla lakhe lonke; abaseGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova.” Benze njalo-ke.


Ngokuba kwavela kuJehova ukwenza lukhuni izinhliziyo zabo ukuba bahlangabezane no-Israyeli ngokulwa, ukuze abaqothule, angabahawukeli, kepha abachithe, njengalokho uJehova ebemyalile uMose.


UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungesabi ngenxa yabo, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizakubanikela bonke bebulewe ngaphambi kuka-Israyeli; wena uyakunquma amahhashi abo imisipha, uzishise izinqola zabo ngomlilo.”


UBaraki wathi kuye: “Uma uhamba nami, ngiyakuhamba; kepha uma ungahambi nami, angiyikuhamba.”


UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe; waxosha abakwa-Israyeli; ngokuba abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakamileyo.


Bheka, mina ngiyakuzenza lukhuni izinhliziyo zabaseGibithe, babalandele; ngizakudunyiswa ngoFaro nangempi yakhe yonke, ngezinqola zakhe nangabamahhashi bakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite