Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 4:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wathuma wabiza uBaraki indodana ka-Abinohama waseKedeshi Nafetali, wathi kuye: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akayalanga yini ngokuthi: ‘Hamba usondele entabeni yaseThabori, uye nabantu abayizinkulungwane eziyishumi babantwana bakwaNafetali nabantwana bakwaZebuloni, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Wathumela eKedeshi kwaNafethali ukuba kubizwe uBharaki, indodana ka-Abhinowami, wathi kuye: “USimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli, ukuyale wathi: ‘Hamba umise entabeni iThabori, uthathe amabutho ayizi-10 000 ozalweni lukaNafethali nolukaZebuloni uye nawo entabeni iThabhori.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wathumela wabiza uBharaki indodana ka-Abinohama eKedeshinafetali, wathi kuye: “Akashongo yini uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukuthi: ‘Hamba uye entabeni yaseThabori, uthathe amadoda ayizinkulungwane eziyishumi kubantwana bakwaNafetali, uhambe nawe, abanye babantwana bakwaZebuloni na?

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 4:6
21 Referans Kwoze  

Ngisezakuthini futhi na? Isikhathi kambe sizakungishiya, uma ngibalisa ngoGideyoni, noBaraki, noSamsoni, noJefta, noDavide, noSamuweli nabaprofethi,


Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo ukuthi: “ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”


Wayesesho koZeba noSalimuna, ethi: “Babe njani labo bantu enababulala eThabori na?” Bathi: “Babe njengawe; yilowo nalowo wafana nabantwana benkosi.”


neKedeshi, ne-Edireyi, ne-EniHasori,


“Yizwani lokhu nina bapristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwahlulela kukinina, lokhu nanilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.


“Kuphila kwami,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti, “impela njengeThabori phakathi kwezintaba, nanjengeKarmeli ngaselwandle, kanjalo uyakufika.


Inyakatho neningizimu wakudala wena; iThabori neHermoni kuyajabula egameni lakho.


Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho, uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele; ngokuba uyalezile ukwahlulela.


“Nxa usukile khona uye phambili, uyakufika kulo i-oki* laseThabori; kuyakuhlangana nawe khona abantu abathathu bekhuphukela kuNkulunkulu eBethele, omunye ephethe amazinyane amathathu ezimbuzi, omunye ephethe izinkwa ezintathu, omunye ephethe imvaba yewayini;


Base behlabelela oDebora noBaraki indodana ka-Abinohama ngalolo suku, bethi:


UBaraki wabiza oZebuloni noNafetali ukuba beze eKedeshi; kwakhuphuka abantu abayizinkulungwane eziyishumi ezinyathelweni zakhe; naye uDebora wakhuphuka naye.


Esizweni sakwaNafetali: iKedeshi laseGalile namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neHamoti Dori namadlelo alo, neKaritani namadlelo alo, imizi mithathu.


Inkatho yesithupha yadla abantwana bakwaNafetali, abantwana bakwaNafetali ngemindeni yabo.


Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.”


umkhawulo wafinyelela eThabori, naseShahasuma, naseBeti Shemeshi; ukuphuma komkhawulo wabo kwakuseJordani, imizi iyishumi nesithupha nemizana yayo.


Wathuma izithunywa kulo lonke lakwaManase, nabo babuthana, bamlandela; wathuma izithunywa ku-Asheri, nakuZebuloni, nakuNafetali, bakhuphuka ukuba babahlangabeze.


UJehova wayesethuma oJerubali, noBedani, noJefta, noSamuweli, wanophula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala nalondeka.


Imizi ebiyelweyo yayiyiSidimi, neSeri, neHamati, neRakati, neKinereti,


Ingalo yakho inobuqhawe, isandla sakho sinamandla, esokunene sakho siphakeme.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite