Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 4:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, ngokuba wayenezinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi; wacindezela kakhulu abantwana bakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amabili.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Abantu bakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade becela usizo, ngokuba uJabhini wayenezinqola zempi ezenziwe ngensimbi ezingama-900. Wayebacindezele, ebaphethe ngonya olukhulu abakwa-Israyeli, iminyaka engama-20.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Abantwana bakwa-Israyeli bakhuleka kuJehova, ngokuba wayenezinqola zensimbi ezingamakhulu ayisishiyagalolunye; iminyaka engamashumi amabili wabacindezela kakhulu abantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 4:3
19 Referans Kwoze  

UJehova wayenaye uJuda, waxosha abasezintabeni; wayengenakuxosha kodwa abakhe esigodini, lokhu bebenezinqola zensimbi.


Izitha zabo zabacindezela, bathotshiswa phansi kwesandla sazo.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova; uJehova wabavusela abantwana bakwa-Israyeli umsindisi owabasindisa, u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umnawe kaKalebi.


Lapho ebabulala, bamfuna; babuye bamfunisisa uNkulunkulu.


ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuSamuweli: “Ungaphezi ukusikhalela kuJehova uNkulunkulu wethu ukuba asisindise esandleni samaFilisti.”


Base besusa onkulunkulu babezizwe phakathi kwabo, bamkhonza uJehova; umphefumulo wakhe wakhathazeka ngokuhlupheka kwabakwa-Israyeli.


Bakhetha onkulunkulu abasha; lapho kwafika impi emasangweni; kwabonwa isihlangu noma umkhonto yini phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?


Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera, umBenjamini, umuntu oyinxele; abantwana bakwa-Israyeli bathuma isipho ngaye ku-Egiloni inkosi yakwaMowabi.


Bathi abantwana bakwaJosefa: “Izintaba azisanele; onke amaKhanani ahlala ezweni lesigodi anezinqola zensimbi, wona aseBeti Sheyani kanye nemizana yalo nawo asesiGodini saseJizreyeli.”


Izithelo zomhlabathi wakho nayo yonke imisebenzi yakho kuyakudliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe


uphumputhe emini njengempumputhe iphumputha ebumnyameni; awuyikuphumelela ezindleleni zakho, uyakucindezelwa kuphela, uphangwe; akuyikubakho muntu wokukusindisa.


UDebora umprofethikazi, umkaLapidoti, wahlulela u-Israyeli ngaleso sikhathi.


USisera wayesebutha zonke izinqola zakhe, izinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi, nabantu bonke ababenaye, kusukela eHarosheti labezizwe kuze kube semfudlaneni iKishoni.


Kwathi sekudlulile izinsuku eziningi, inkosi yaseGibithe yafa; abakwa-Israyeli babubula ngenxa yobugqila, bakhala; ukukhala kwabo kwenyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo.


Abakwa-Israyeli baphela amandla ngenxa yakwaMidiyani; base bekhala abantwana bakwa-Israyeli kuJehova.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sakhonza oBali.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite