Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 4:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Ngalolo suku uNkulunkulu wamnqoba uJabini inkosi yaseKhanani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Ngalolo lusuku uNkulunkulu wamnqoba uJabhini, inkosi yamaKhanani, phambi kwabakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 UNkulunkulu wamnqoba uJabini inkosi yaseKhanani ngalolo suku phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 4:23
10 Referans Kwoze  

uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami;


Abantwana bangena-ke, balidla izwe, wahlula phambi kwabo abakhe ezweni, amaKhanani, wabanikela ezandleni zabo, kanye namakhosi abo, nabantu bezwe, ukuba benze kubo njengokuthanda kwabo.


abathi ngokukholwa banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama,


Kodwa nxa izinto zonke sezithotshiselwe phansi kwakhe, lapho-ke nayo iNdodana iyakuzithoba phansi kwalowo owathobisa zonke izinto phansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke kukho konke.


Bengiyakuthobisa masinyane izitha zabo, ngiselulele isandla sami kwabamelene nabo.


Wathobisa abantu phansi kwethu, nezizwe phansi kwezinyawo zethu.


Wangibhincisa amandla okulwa; ababengivukele wabathobisa phansi kwami.


“UJehova uNkulunkulu wenu akanani na? Akaniphanga ukuphumula nxazonke na? Ngokuba unikele esandleni sami abakhileyo ezweni; izwe linyatheliwe phambi kukaJehova naphambi kwabantu bakhe.


Bheka, uBaraki esamxosha uSisera, uJayeli waphuma ukumhlangabeza, wathi kuye: “Woza, ngikubonise omfunayo.” Waya kuye; bheka, uSisera wayelele efile, isikhonkwane sisesikhaleni sendlebe yakhe.


Isandla sabantwana bakwa-Israyeli saqhubeka saba namandla njalo phezu kukaJabini inkosi yaseKhanani, baze bamqeda uJabini inkosi yaseKhanani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite