Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 4:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UBaraki wabiza oZebuloni noNafetali ukuba beze eKedeshi; kwakhuphuka abantu abayizinkulungwane eziyishumi ezinyathelweni zakhe; naye uDebora wakhuphuka naye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 UBharaki wababizela eKedeshi abakwaZebuloni nabakwaNafethali; amabutho ayizi-10 000 amlandela noDebhora, akhuphuka naye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UBharaki wabiza oZebuloni noNafetali eKedeshi; wakhuphuka namadoda ayizinkulungwane eziyishumi ezinyaweni zakhe, noDebora wakhuphuka naye.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 4:10
9 Referans Kwoze  

UZebuloni wayengabantu abazidela kwaze kwaba sekufeni, uNafetali kanjalo ezindaweni eziphakemeyo zezwe.


Izikhulu zakwa-Isakare zazinaye uDebora; njengo-Isakare, kanjalo noBaraki; behlela ngokushesha esigodini ezinyathelweni zakhe. Ngaseminonjaneni yakwaRubeni kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.


UDebora wathi kuBaraki: “Vuka, ngokuba yilolu suku uJehova anikele ngalo uSisera esandleni sakho; uJehova akaphumanga phambi kwakho na?” UBaraki wehla entabeni yaseThabori nabantu abayizinkulungwane eziyishumi emva kwakhe.


Yayisiphendula inkosi yakwa-Israyeli, ithi: “Khulumani kuye, nithi: ‘Obhinca izikhali makangazigabisi njengokhumulayo.’ ”


Manje-ke, lesi sipho esilethwa yincekukazi yakho enkosini yami, masinikwe izinsizwa ezilandela inkosi yami.


Wathuma wabiza uBaraki indodana ka-Abinohama waseKedeshi Nafetali, wathi kuye: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akayalanga yini ngokuthi: ‘Hamba usondele entabeni yaseThabori, uye nabantu abayizinkulungwane eziyishumi babantwana bakwaNafetali nabantwana bakwaZebuloni, na?


Zonke lezi zinceku zakho ziyakwehla, zifike kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Phuma wena nabantu bonke abakulandelayo; emva kwalokho ngizakuphuma.’ ” Waphuma kuFaro evutha ulaka.


Wathuma izithunywa kulo lonke lakwaManase, nabo babuthana, bamlandela; wathuma izithunywa ku-Asheri, nakuZebuloni, nakuNafetali, bakhuphuka ukuba babahlangabeze.


UNkulunkulu wakho ukumisele amandla akho; qinisa, Nkulunkulu, lokho ozenzela khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite