Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 3:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova; uJehova wabavusela abantwana bakwa-Israyeli umsindisi owabasindisa, u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umnawe kaKalebi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Kodwa lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, wabavusela umkhululi abakwa-Israyeli, owabakhulula, u-Othiniyeli indodana kaKhenazi, umnawabo kaKhalebhu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Lapho abantwana bakwa-Israyeli bembiza uJehova, uJehova wabavusela abantwana bakwa-Israyeli umsindisi owabakhulula, u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umfowabo omncane kaKalebi.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 3:9
15 Referans Kwoze  

Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera, umBenjamini, umuntu oyinxele; abantwana bakwa-Israyeli bathuma isipho ngaye ku-Egiloni inkosi yakwaMowabi.


U-Otheniyeli indodana kaKenazi, umnawe kaKalebi, walithatha; wayesemnika u-Akisa indodakazi yakhe abe ngumkakhe.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sakhonza oBali.”


Kwathi lapho abantwana bakwa-Israyeli besakhala kuJehova ngenxa yakwaMidiyani,


Bakhala kuwe, bakhululwa; bethemba wena, abaze bajabha.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, ngokuba wayenezinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi; wacindezela kakhulu abantwana bakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amabili.


UJehova wavusa abahluleli ababasindisa esandleni sababaphangayo.


Lapho ebabulala, bamfuna; babuye bamfunisisa uNkulunkulu.


Wawusubanikela esandleni sezitha zabo ezabahlupha; ngesikhathi sokuhlupheka kwabo sebekhala kuwe, wena wabezwa usezulwini, nangomusa wakho omkhulu wabanika abasindisi ababasindisa esandleni sezitha zabo.


Bakhala kuJehova, bathi: ‘Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kodwa kalokhu sophule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’


U-Otheniyeli indodana kaKenazi umfowabo kaKalebi walithatha; wayesemnika u-Akisa indodakazi yakhe abe ngumkakhe.


Ngalokho intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni sikaKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi; abantwana bakwa-Israyeli bamkhonza uKushani Rishatayimi iminyaka eyisishiyagalombili.


Lapho uJehova ebavusela abahluleli, uJehova wayenaye umahluleli, wabasindisa esandleni sezitha zabo izinsuku zonke zomahluleli, ngokuba uJehova waba nesihe ngokubulawa kwabo ngenxa yababacindezelayo nababakhathazayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite