Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 3:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngalokho intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni sikaKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi; abantwana bakwa-Israyeli bamkhonza uKushani Rishatayimi iminyaka eyisishiyagalombili.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wamthengisa esandleni senkosi uKhushani Rishathayimi wase-Aramu Naharayimi, abakwa-Israyeli bamkhonza uKhushani Rishathayimi iminyaka eyisishiyagalombili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngalokho intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni sikaKushani Ristayimi, inkosi yase-Aramu Pothamiya;

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 3:8
20 Referans Kwoze  

Intukuthelo kaJehova yavuthela abakwa-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke. Ababe besaba nakuma phambi kwezitha zabo.


Ngibona amatende aseKushani ephansi kosizi, izilenge zezwe lakwaMidiyani ziyathuthumela.


Wathi kuye: “Impela ngiyakuhamba nawe, kodwa indlela oyakuhamba ngayo ayiyikuba ngeyodumo lwakho, ngokuba uJehova uyakumthengisa uSisera esandleni sowesifazane.” Wayesesuka uDebora, wahamba noBaraki, baya eKedeshi.


Ngokuba siyazi ukuthi umthetho ungowomoya; kepha mina ngingowenyama, othengisiwe phansi kwesono.


Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso engimlahlile ngayo, noma ngumuphi enginesikwenetu kuye engithengisile ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangeziphambeko zenu, unyoko walahlwa.


Wamukisa yonke intukuthelo yakho, waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho.


Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.


“Kepha bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, wathengisa ngabo esandleni sikaSisera induna yempi yaseHasori, nasesandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi, balwa nabo.


Intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wathi: “Ngokuba lesi sizwe seqile isivumelwano sami engabayala ngaso oyise, singalalelanga izwi lami,


Emunye angaxosha kanjani inkulungwane; ababili bangabhengula kanjani izinkulungwane eziyishumi, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebengabakhapheli, na?


uJehova angamthetheleli, kepha intukuthelo kaJehova nomhawu wakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uJehova alesule igama lakhe phansi kwezulu.


ulaka lwami luyakuvutha, ngikubulale ngenkemba; omkenu babe ngabafelokazi, abantwana benu babe yizintandane.


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali no-Ashitaroti.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova; uJehova wabavusela abantwana bakwa-Israyeli umsindisi owabasindisa, u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umnawe kaKalebi.


UMoya kaJehova wayephezu kwakhe, wahlulela u-Israyeli, waphuma impi, uJehova wanikela uKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi esandleni sakhe; isandla sakhe samahlula uKushani Rishatayimi.


Uthengisa ngesizwe sakho ngokuyize; awuzuzi lutho ngokubiza ngaso.


Bangihluphile kaningi kwasebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.


Inceku yayisithatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo, yahamba, izinto zonke ezinhle zenkosi yayo zisesandleni sayo; yasuka, yaya eMesopotamiya emzini kaNahori.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abanizondayo bayakubusa phezu kwenu, nibaleke ningaxoshwa muntu.


Wabanikela esandleni sabezizwe; ababazondayo bababusa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite