Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 3:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Kwathi esefikile, wabetha icilongo ezintabeni zakwa-Efrayimi, abantwana bakwa-Israyeli behla naye ezintabeni, yena ephambi kwabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 Kwathi ukuba afike lapho, washaya icilongo ekwelezintaba kwa-Efrayimi. Abantu bakwa-Israyeli behla naye kwelezintaba, ebahola.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Esefikile wabetha icilongo ezintabeni zakwa-Efrayimi, abantwana bakwa-Israyeli behla naye entabeni, yena waphuma phambi kwabo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 3:27
13 Referans Kwoze  

UJonathani wachitha ikhanda lamaFilisti elaliseGeba, amaFilisti akuzwa. USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: “Makezwe amaHeberu.”


Kepha uMoya kaJehova wammboza uGideyoni, wabetha icilongo, kwabuthana ama-Abiyezeri, amlandela.


Zase zishesha, zathatha, kwaba yileyo naleyo ingubo yayo, zazibeka phansi kwakhe esikhwelweni, zabetha icilongo, zathi: “UJehu uyinkosi.”


Owesifazane wayeseya ngokuhlakanipha kwakhe kubantu bonke. Bamnquma uSheba indodana kaBikri ikhanda, baliphonsa kuJowabe. Yena wabetha icilongo, bahlakazeka kulowo muzi, baya, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. UJowabe wabuyela eJerusalema enkosini.


Kwathi ngalezo zinsuku kungekho inkosi kwa-Israyeli, kwakukhona umLevi othile owayegogobele ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa-Efrayimi, owazithathela isancinza eBetlehema Juda.


Kwakukhona umuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe lalinguMika.


UGideyoni wayesethuma izithunywa ezintabeni zonke zakwa-Efrayimi, wathi: “Yehlani, nihlangabezane nabakwaMidiyani, nibavimbe emanzini kuze kube seBetha Bara naseJordani.” Onke amadoda akwa-Efrayimi ayesebuthana, abavimbela emanzini kwaze kwaba seBetha Bara naseJordani.


Kwavela kwa-Efrayimi abampande yabo ikuma-Amaleki; emva kwakho nguBenjamini phakathi kwabantu bakho. KwaMakiri kwavela ababusi, kwaZebuloni abaphethe intonga yomholi.


kepha izintaba ziyakuba ngezakho; noma ziyihlathi, woligawula; namaphethelo alo mawabe ngawakho, ngokuba uyakuwaxosha amaKhanani, nakuba enezinqola zensimbi nakuba enamandla.”


UJoshuwa wathi kubo: “Uma uyisizwe esikhulu, khuphukela ehlathini, uzicabele khona ezweni lamaPherizi nakwelamaRefa, lokhu izintaba zakwa-Efrayimi ziminyene kuwe.”


U-Ehudi waphunyuka zisalinda, wadlula endaweni yezithombe ezibaziweyo, wabalekela eSeyiri.


Emva kuka-Abimeleki kwavela uThola indodana kaPhuwa kaDodo, umuntu wakwa-Isakare, ukuba asindise u-Israyeli; wayehlala eShamiri ezintabeni zakwa-Efrayimi.


Lapho sengibhekile, ngasuka ngathi kwabakhulu nakubabusi nakwabanye abantu: “Ningabesabi; khumbulani iNkosi enkulu neyesabekayo, nilwele abafowenu, namadodana enu, namadodakazi enu, nawomkenu, nezindlu zenu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite