Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 3:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Izwe lase liba nokuthula iminyaka engamashumi amane. Wafa u-Otheniyeli indodana kaKenazi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Izwe laba nokuthula iminyaka engama-40. U-Othiniyeli, indodana kaKhenazi, wafa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Izwe laba nokuphumula iminyaka engamashumi amane. U-Otheniyeli indodana kaKenazi wafa.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 3:11
11 Referans Kwoze  

AbakwaMidiyani bathotshiswa kanjalo phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ababe besaphakamisa amakhanda abo. Izwe lathula iminyaka engamashumi amane ezinsukwini zikaGideyoni.


“Mazibhubhe kanjalo zonke izitha zakho, Jehova; kepha abamthandayo mababe njengelanga, lapho liphuma ngamandla alo.” Izwe selaba nokuthula iminyaka engamashumi amane.


UMowabi wathotshiswa kanjalo ngalolo suku phansi kwesandla sakwa-Israyeli. Izwe laba nokuthula iminyaka engamashumi ayisihiyagalombili.


Wathatha-ke uJoshuwa izwe lonke njengakho konke uJehova abekukhulumile kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli libe yifa lakhe ngokwezabelo zabo nezizwe zabo. Izwe lase liphumula ekulweni.


njengezinsuku abaJuda abathola ngazo ukuphumula ezitheni zabo nenyanga eyaguqulwa kubo osizini yaba ngeyokuthokoza nasekulileni kwaba lusuku oluhle, bazenze zibe yizinsuku zedili nezokuthokoza nezokuthumelana izipho omunye komunye, kanye nezipho kwabampofu.


Amadodana kaKenazi: ngo-Otheniyeli noSeraya; amadodana ka-Otheniyeli: nguHathati.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova; uJehova wabavusela abantwana bakwa-Israyeli umsindisi owabasindisa, u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umnawe kaKalebi.


U-Otheniyeli indodana kaKenazi umfowabo kaKalebi walithatha; wayesemnika u-Akisa indodakazi yakhe abe ngumkakhe.


UMoya kaJehova wayephezu kwakhe, wahlulela u-Israyeli, waphuma impi, uJehova wanikela uKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi esandleni sakhe; isandla sakhe samahlula uKushani Rishatayimi.


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wamnika u-Egiloni inkosi yakwaMowabi amandla phezu kuka-Israyeli, lokhu benze okubi emehlweni kaJehova.


“Kepha sebephumulile, babuye benza okubi ebusweni bakho; wawusubashiya esandleni sezitha zabo, zaze zabusa phezu kwabo; kodwa lapho bebuye bekhala kuwe, wena wabezwa usezulwini, wabophula kaningi ngomusa wakho omkhulu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite