Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 21:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 nibone: bhekani, uma amadodakazi aseShilo ephuma ukusina lapho kusinwa khona, anophuma ezivinini, nizibambele, kube yilowo nalowo umkakhe kuwo amadodakazi aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 niqaphe, lapho amadodakazi aseShilo ephuma ukuba azosina, anophuma ezivinini, kube yilowo azithwalele umfazi ezintombini zaseShilo, nibuyele kwaBhenjamini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Bhekani, bhekani, lapho amadodakazi aseShilo ephuma ukugida, niphume ezivinini, nizithabathele, kube yilowo nalowo umkakhe emadodakazini aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 21:21
13 Referans Kwoze  

UJefta weza eMispa endlini yakhe; bheka, indodakazi yakhe yaphuma ukumhlangabeza, iza nezigubhu nokusina; yayingumntwana oyedwa; ngaphandle kwakhe wayengenandodana nandodakazi.


UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma emva kwakhe bephethe izigubhu, besina.


Kepha kuqala imelwe ukuhlupheka ngokuningi, yaliwe yilesi sizukulwane.


“Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni* abo.


Khona intombi iyakuthokoza ekusineni, nezinsizwa nabadala kanyekanye; ngiyakuphendula ukukhala kwabo kube ngukujabula, ngibaduduze, ngibathokozise, bangabe besaba nosizi.


isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka, isikhathi sokulila nesikhathi sokusina;


Mdumiseni ngesigubhu nokusina, nimdumise ngezingubhu ezinezintambo eziyishumi nemitshingo.


Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu.*


Wayesethi uDavide kuMikhali: “Ngaphambi kukaJehova owangikhetha phezu kukayihlo naphezu kwayo yonke indlu yakhe ukungimisa ukuba ngibe ngumbusi wabantu bakaJehova kwa-Israyeli, yebo, ngaphambi kukaJehova ngathokoza.


UDavide wasina phambi kukaJehova ngamandla akhe onke; uDavide wayebhince ingubo yamahlombe yelineni.


Kwathi ekufikeni kwabo, uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke yakwa-Israyeli, behlabelela besina, ukuba bamhlangabeze uSawule inkosi ngezigubhu, nangokuthokoza, nangezinkenenezo.


Abayala abantwana bakwaBenjamini, athi: “Hambani niqamekele ezivinini,


Phenduka, phenduka, mShulamiti! Phenduka, phenduka ukuba sikubuke! Nibonani kumShulamiti? Kunjengokusina kwaseMahanayimi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite